Ukuhweba


  • Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.
    1 Thimothewu 6:10
  • Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.
    Mathewu 6:33
  • “Umuntu angaphanga uNkulunkulu na? Nokho niyangiphanga. “Bese nithi:‘Sikuphange kanjani na?’ “Ngokweshumi nangeminikelo. Niqalekisiwe ngesiqalekiso, nokho niyangiphanga, sizwe sonke. Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu,” usho uJehova Sebawoti, “uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.
    Malaki 3:8-10
  • UNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKristu Jesu.
    Filipi 4:19
  • Kade ngimusha, manje sengimdala; angizange ngibone olungileyo eshiyiwe nenzalo yakhe iphanza ukudla.
    AmaHubo 37:25
  • Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.
    1 Johane 5:14, 15
  • Ihubo likaDavide. UJehova ungumalusi wami, angiyikuswela.
    AmaHubo 23:1
  • Amabhongo ezingonyama ayaswela, alambe, kepha abafuna uJehova abayikuswela lutho oluhle.
    AmaHubo 34:10
  • Mayibongwe iNkosi. Iyasithwala imihla ngemihla; uNkulunkulu uyinsindiso yethu. Sela
    AmaHubo 68:19
  • Mina nginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhuphula ezweni laseGibithe; khamisa umlomo wakho, ngiwugcwalise.
    AmaHubo 81:10
  • Ngokuba uJehova uNkulunkulu uyilanga nesihlangu; uJehova uyakupha umusa nodumo; akayikubenqabela okuhle abahamba ngobuqotho.
    AmaHubo 84:11
  • Amehlo abo bonke alinda wena; uyabanika ukudla ngesikhathi esiyiso. Uyavula isandla sakho, usuthise ukufisa kwakho konke okuphilayo.
    AmaHubo 145:15, 16
  • Olungileyo uyadla uze usuthe umphefumulo wakhe, kepha isisu sababi siyaswela.
    IzAga 13:25
  • Uma nivuma, nilalela, niyakudla okuhle kwezwe; kepha uma nala, nihlubuka, niyakudliwa yinkemba,” ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.
    Isaya 1:19, 20
  • Ngiyakuzenza zona nezindawo ezizungeza intaba yami zibe yisibusiso, ngehlise imvula ngesikhathi sayo, ibe yizihlambi zesibusiso.
    Hezekeli 34:26
  • Ngakho-ke maningafani nabo; ngokuba uYihlo uyakwazi enikuswelayo ningakaceli kuye.
    Mathewu 6:8
  • “Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa. Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uzakuvulelwa.
    Mathewu 7:7, 8
  • Ngakho-ke uma nina enibabi nazi ukubapha abantwana benu izipho ezinhle, kakhulu uYihlo osezulwini uzakubapha okuhle abacela kuye.
    Mathewu 7:11
  • nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa.”
    Mathewu 21:22
  • Wathi kubo: “Mhla nginithuma ningenasikhwama, nayika, nazicathulo, naswela utho na?” Bathi: “Lutho.”
    Luka 22:35
  • Ngokunjalo iNkosi imisile ukuba abamemezela ivangeli baphile ngevangeli.
    1 Korinte 9:14
  • nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe.
    1 Johane 3:22