2 IziKronike

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36

0:00
0:00

Isahluko 3

USolomoni wayeseqala ukwakha indlu kaJehova eJerusalema entabeni yaseMoriya, lapho uJehova abonakala khona kuDavide uyise, nalapho eselungisile khona endaweni kaDavide esibuyeni sika-Orinani umJebusi.
2 Waqala ukwakha ngolwesibili lwenyanga yesibili ngomnyaka wesine wokubusa kwakhe.
3 Yilesi isisekelo uSolomoni asibekela ukuba kwakhiwe indlu kaNkulunkulu: ubude ngezingalo zesilinganiso esidala babuyizingalo ezingamashumi ayisithupha, ububanzi babuyizingalo ezingamashumi amabili.
4 Umpheme owawuphambi kwendlu ende malungana nobubanzi bendlu wawuyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama kwakuyikhulu namashumi amabili; wawunameka phakathi ngegolide elicwengekileyo.
5 Indlu enkulu wayembesa imisayipuresi, wayinameka ngegolide elihle, waqopha kulo amasundu namaketanga.
6 Wayihlobisa indlu ngamatshe ayigugu ukuze ivunuliswe; igolide laliyigolide laseParivayimi.
7 Wanameka nendlu, nemishayo, nemibundu, nezindonga zayo, neminyango yayo ngegolide, waqopha amakherubi ezindongeni.
8 Wenza indlu engcwelengcwele; yayimalungana nobubanzi bendlu; ubude bayo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi bayo babuyizingalo ezingamashumi amabili; wayinameka ngegolide elihle, lingamatalenta angamakhulu ayisithupha.
9 Isisindo sezipikili sasingamashekeli angamashumi ayisihlanu egolide. Amakamelo angaphezulu wawanameka ngegolide.
10 Endlini engcwelengcwele wenza amakherubi amabili aqoshiweyo; bawanameka ngegolide.
11 Amaphiko amakherubi ayeyizingalo ezingamashumi amabili; iphiko lelinye laliyizingalo eziyisihlanu, lathinta odongeni lwendlu; elinye iphiko nalo laliyizingalo eziyisihlanu, lathinta ephikweni lelinye ikherubi.
12 Iphiko lelinye ikherubi laliyizingalo eziyisihlanu, lathinta odongeni lwendlu; elinye iphiko laliyizingalo eziyisihlanu nalo, lafinyelela ephikweni lelinye ikherubi.
13 Amaphiko alawo makherubi azelula izingalo ezingamashumi amabili; ema ngezinyawo zawo, ubuso bawo bubheke endlini.
14 Wenza isihenqo ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo, wabeka kuso amakherubi.
15 Wenza ngaphakathi kwendlu izinsika ezimbili, ukuphakama kwazo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu nanhlanu; isihloko esasingaphezu kwaleyo naleyo sasiyizingalo eziyisihlanu.
16 Wenza amaketanga egumbini, wawabeka ezihlokweni zezinsika; wenza amapomegranati ayikhulu, wawabeka emaketangeni.
17 Wazimisa izinsika phambi kwethempeli, enye ngakwesokunene nenye ngakwesokhohlo, wabiza igama lengakwesokunene ngokuthi uJakini negama lengakwesokhohlo ngokuthi uBowazi.