Ezra

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10

0:00
0:00

Isahluko 2

Nampa abantwana bezwe abakhuphuka ekuthunjweni kwababethunjiwe bayiswa eBabele nguNebukadinesari, inkosi yaseBabele, babuyela eJerusalema nakwaJuda, kwaba yilowo nalowo emzini wakubo,
2 bafika noZerubabele, noJeshuwa, noNehemiya, noSeraya, noRehelaya, noMoridekayi, noBilishani, noMisipari, noBigivayi, noRehumi, noBahana. Umumo wamadoda abantu bakwa-Israyeli nanku:
3 abantwana bakwaPharoshi: yizinkulungwane ezimbili nekhulu namashumi ayisikhombisa nambili;
4 abantwana bakwaShefathiya: ngamakhulu amathathu namashumi ayisikhombisa nambili;
5 abantwana bakwa-Ara: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisikhombisa nanhlanu;
6 abantwana bakwaPhakati Mowabi babantwana bakwaJeshuwa noJowabe: yizinkulungwane ezimbili namakhulu ayisishiyagalombili neshumi nambili;
7 abantwana bakwa-Elamu: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;
8 abantwana bakwaZathu: ngamakhulu ayisihiyagalolunye namashumi amane nanhlanu;
9 abantwana bakwaZakayi: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha;
10 abantwana bakwaBani: ngamakhulu ayisithupha namashumi amane nambili;
11 abantwana bakwaBebayi: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nantathu;
12 abantwana bakwa-Azigadi: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amabili nambili;
13 abantwana bakwa-Adonikamu ngamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha;
14 abantwana bakwaBigivayi: yizinkulungwane ezimbili namashumi ayisihlanu nesithupha;
15 abantwana bakwa-Adini: ngamakhulu amane namashumi ayisihlanu nane;
16 abantwana bakwa-Atheri kaHezekiya: ngamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalombili;
17 abantwana bakwaBesayi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili nantathu;
18 abantwana bakwaJora: yikhulu neshumi nambili;
19 abantwana bakwaHashumi: ngamakhulu amabili namashumi amabili nantathu;
20 abantwana bakwaGibari: ngamashumi ayisishiyagalolunye nanhlanu;
21 abantwana baseBetlehema: yikhulu namashumi amabili nantathu;
22 amadoda aseNethofa; ngamashumi ayisihlanu nesithupha;
23 amadoda ase-Anathoti: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili;
24 abantwana base-Azimaveti: ngamashumi amane nambili;
25 abantwana baseKiriyati Arimi, naseKhefira, naseBeyeroti: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amane nantathu;
26 abantwana baseRama naseGeba: ngamakhulu ayisithupha namashumi amabili nanye;
27 amadoda aseMikimasi: yikhulu namashumi amabili nambili;
28 amadoda aseBethele nase-Ayi: ngamakhulu amabili namashumi amabili nantathu;
29 abantwana baseNebo: ngamashumi ayisihlanu nambili;
30 abantwana baseMagibishi: yikhulu namashumi ayisihlanu nesithupha;
31 abantwana bakwa-Elamu omunye: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisihlanu nane;
32 abantwana bakwaHarimi: ngamakhulu amathathu namashumi amabili;
33 abantwana baseLodi naseHadidi nase-Ono: ngamakhulu ayisikhombisa namashumi amabili nanhlanu;
34 abantwana baseJeriko: ngamakhulu amathathu namashumi amane nanhlanu;
35 abantwana baseSenawa; yizinkulungwane ezintathu namakhulu ayisithupha namashumi amathathu.
36 Abapristi: abantwana bakwaJedaya bendlu kaJeshuwa: ngamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi ayisikhombisa nantathu;
37 abantwana bakwa-Imeri: yinkulungwane namashumi ayisihlanu nambili;
38 abantwana bakwaPhashuri: yinkulungwane namakhulu amabili namashumi amane nesikhombisa;
39 abantwana bakwaHarimi: yinkulungwane neshumi nesikhombisa.
40 AmaLevi: abantwana bakwaJeshuwa noKadimiyeli babantwana bakwaHodaviya: ngamashumi ayisikhombisa nane;
41 Abahlabeleli: abantwana bakwa Asafa: yikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili;
42 abantwana babalindisango: abantwana bakwaShalumi, nabantwana bakwa-Atheri, nabantwana bakwaThalimoni, nabantwana bakwa-Akubi, nabantwana bakwaHathita, nabantwana bakwaShobayi, bonke beyikhulu namashumi amathathu nesishiyagalolunye.
43 AmaNethini: ngabantwana bakwaSiha, nabantwana bakwaHasufa, nabantwana bakwaThabawoti,
44 nabantwana bakwaKerosi, nabantwana bakwaSiyaha, nabantwana bakwaPhadoni,
45 nabantwana bakwaLebana, nabantwana bakwaHagaba, nabantwana bakwa-Akubi,
46 nabantwana bakwaHagabi, nabantwana bakwaShamulayi, nabantwana bakwaHanani,
47 nabantwana bakwaGideli, nabantwana bakwaGahari, nabantwana bakwaRewaya,
48 nabantwana bakwaResini, nabantwana bakwaNekhoda, nabantwana bakwaGazamu,
49 nabantwana bakwa-Uza, nabantwana bakwaPhaseya, nabantwana bakwaBesayi,
50 nabantwana bakwa-Asina, nabantwana bakwaMehuni, nabantwana bakwaNefisimi,
51 nabantwana bakwaBakibuki, nabantwana bakwaHakufa, nabantwana bakwaHarihuri,
52 nabantwana bakwaBasiluthi, nabantwana bakwaMehida, nabantwana bakwaHarisha,
53 nabantwana bakwaBarikhosi, nabantwana bakwaSisera, nabantwana bakwaThema,
54 nabantwana bakwaNesiya, nabantwana bakwaHathifa.
55 Abantwana bezinceku zikaSolomoni: ngabantwana bakwaSothayi, nabantwana bakwaHasofereti, nabantwana bakwaPheruda,
56 nabantwana bakwaJahala, nabantwana bakwaDarikoni, nabantwana bakwaGideli,
57 nabantwana bakwaShefathiya, nabantwana bakwaHathili, nabantwana bakwaPhokereti Hasebayimi, nabantwana bakwa-Ami.
58 Onke amaNethini nabantwana bezinceku zikaSolomoni babe ngamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye nambili.
59 Nampa abakhuphuka eTheli Mela, naseTheli Harisha, naseKherubi, nase-Adani, nase-Imeri, kepha babengenakusho izindlu zawoyise nozalo lwabo ukuba babengabakwa-Israyeli yini:
60 ngabantwana bakwaDelaya, nabantwana bakwaThobiya, nabantwana bakwaNekhoda, bengamakhulu ayisithupha namashumi ayisihlanu nambili.
61 Abantwana babapristi: ngabantwana bakwaHabaya, nabantwana bakwaHakhosi, nabantwana bakwaBarizilayi, owathatha umfazi emadodakazini kaBarizilayi wakwaGileyadi, wabizwa ngegama lawo.
62 Labo bafuna ukubhalwa kwabo phakathi kwababhaliweyo ngezizukulwane, kepha kabafunyanwanga; ngalokho bakhishwa ebupristini, kwathiwa bangcolile.
63 Umbusi washo kubo ukuba bangadli okungcwelengcwele, kuze kuvele umpristi one-Urimi neThumini.
64 Lonke ibandla selihlangene laliyizinkulungwane ezingamashumi amane nambili namakhulu amathathu namashumi ayisithupha,
65 ngaphandle kwezinceku zabo nezincekukazi zabo ezaziyizinkulungwane eziyisikhombisa namakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa; babe nabahlabeleli besilisa nabesifazane abangamakhulu amabili.
66 Amahhashi abo ayengamakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu nesithupha; iminyuzi yabo yayingamakhulu amabili namashumi amane nanhlanu;
67 amakamela abo ayengamakhulu amane namashumi amathathu nanhlanu; izimbongolo zaziyizinkulungwane eziyisithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi amabili.
68 Ezinye izinhloko zawoyise ekufikeni kwazo endlini kaJehova eseJerusalema zanikelela ngenhliziyo indlu kaNkulunkulu ukuba imiswe endaweni yayo;
69 zanikelela isikhwama somsebenzi njengokwamandla azo amadarike ayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nanye egolide, namamane ayizinkulungwane eziyisihlanu esiliva, nezambatho zabapristi eziyikhulu.
70 Base behlala abapristi, namaLevi, nabanye abantu abathile, nabahlabeleli, nabalindisango, namaNethini emizini yabo, bonke abakwa-Israyeli emizini yabo.