Nehemiya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13

0:00
0:00

Isahluko 11

Izinduna zabantu zahlala eJerusalema; abantu abaseleyo benza inkatho ukuyisa omunye kwabayishumi njalo ukuba ahlale eJerusalema, umuzi ongcwele, nabayisishiyagalolunye kweminye imizi.
2 Abantu babusisa bonke abantu ababezinikela ngenhliziyo ukuhlala eJerusalema.
3 Nazi izinhloko zezwe ezazihlala eJerusalema; kepha emizini yakwaJuda bahlala emizini yabo, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe: abakwa-Israyeli, nabapristi, namaLevi, namaNethini, nabantwana bezinceku zikaSolomoni.
4 EJerusalema kwahlala abantwana abathile bakwaJuda nabakwaBenjamini. Kubantwana bakwaJuda: ngu-Athaya ka-Uziya, kaZakariya, ka-Amariya, kaShefathiya, kaMahalalele wabantwana bakwaPheresi,
5 noMahaseya kaBaruki, kaKholi Hoze, kaHazaya, ka-Adaya, kaJoyaribi, kaZakariya, indodana yomShiloni.
6 Onke amadodana kaPheresi ahlala eJerusalema ayengamadoda anamandla angamakhulu amane namashumi ayisithupha nesishiyagalombili.
7 Nampa abantwana bakwaBenjamini: uSalu kaMeshulamu, kaJohedi, kaPhedaya, kaKholaya, kaMahaseya, ka-Ithiyeli, kaJeshaya.
8 Emva kwakhe ngoGabayi noSalayi, bengamakhulu ayisishiyagalolunye namashumi amabili nesishiyagalombili.
9 UJoweli, indodana kaZikiri, wayengumbonisi; uJuda, indodana kaHasenuwa, wayengowesibili emzini.
10 Kubapristi: nguJedaya, indodana kaJoyaribi, noJakini,
11 noSeraya kaHilikiya, kaMeshulamu, kaSadoki, kaMerayoti, ka-Ahithubi, umphathi wendlu kaNkulunkulu;
12 nabafowabo ababewenza umsebenzi abangamakhulu ayisishiyagalombili namashumi amabili nambili, no-Adaya kaJerohamu, kaPhelaliya, ka-Amisi, kaZakariya, kaPhashuri, kaMalikhiya;
13 nabafowabo, izinhloko zawoyise, bengamakhulu amabili namashumi amane nambili, no-Amashisayi ka-Azareli, ka-Ahizayi, kaMeshilemoti, ka-Imeri;
14 nabafowabo, amaqhawe anamandla, beyikhulu namashumi amabili nesishiyagalombili; umbonisi wabo wayenguZabidiyeli, indodana kaHagedolimi.
15 KumaLevi: nguShemaya kaHashubi, ka-Azirikamu, kaHashabiya, kaBuni,
16 noShabethayi noJozabadi bezinhloko zamaLevi ababephethe umsebenzi wangaphandle wendlu kaNkulunkulu,
17 noMathaniya, kaMika, kaZabidi, ka-Asafa, induna yomkhuleko wokubonga, noBakibukiya, owesibili phakathi kwabafowabo, no-Abida kaShamuwa kaGalali kaJeduthuni.
18 Onke amaLevi emzini ongcwele ayengamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nane.
19 Abalindisango o-Akubi noThalimoni nabafowabo ababelinda ngasemasangweni babe yikhulu namashumi ayisikhombisa nambili.
20 Abakwa-Israyeli abaseleyo, abapristi namaLevi, babe semizini yonke yakwaJuda, kwaba yilowo nalowo efeni lakhe.
21 AmaNethini ahlala e-Ofeli; oSiha noGishipha babe phezu kwamaNethini.
22 Umbonisi wamaLevi eJerusalema kwakungu-Uzi kaBani, kaHashabiya, kaMathaniya, kaMika wamadodana ka-Asafa, abahlabeleli, engumphathi womsebenzi wendlu kaNkulunkulu.
23 Ngokuba kwakukhona umyalo wenkosi ngabo, nomthetho wabahlabeleli njengokufunekayo imihla ngemihla.
24 UPhethahiya, indodana kaMeshezabeli, wabantwana bakwaZera, indodana kaJuda, wayengasesandleni senkosi ezindabeni zonke zabantu.
25 Emizaneni inamasimu ayo kwahlala abanye abantwana bakwaJuda: eKiriyati Araba nasemizaneni yalo, naseDiboni nasemizaneni yalo, naseJekabiseyeli nasemizaneni yalo,
26 naseJeshuwa, naseMolada, naseBeti Pheleti,
27 naseHasari Shuwali, naseBeri Sheba nasemizaneni yalo,
28 naseSikilagi, naseMekhona nasemizaneni yalo,
29 nase-Eni Rimoni, naseSora, naseJarimuthi,
30 naseZanowa, nase-Adulamu nasemizaneni yawo, naseLakishi inamasimu alo, nase-Azeka nasemizaneni yalo. Bamisa kusukela eBeri Sheba ukuze kube sesigodini sikaHinomu.
31 Abantwana bakwaBenjamini bahlala kusukela eGeba kuze kube seMikimasi, nase-Aja, naseBethele nasemizaneni yalo,
32 nase-Anathoti, naseNobi, nase-Ananiya,
33 naseHasori, naseRama, naseGitayimi,
34 naseHadidi, naseSeboyimi, naseNebalati,
35 naseLodi, nase-Ono, isiGodi Sababazi.
36 KumaLevi izigaba zakwaJuda zahlanganiswa noBenjamini.