IsiHlabelelo SeziHlabelelo

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8

0:00
0:00

Isahluko 8

Sengathi nga unjengomfowethu owancela amabele kamame! Uma bengikufumana phandle, bengiyakukwanga ngingadelelwa muntu.
2 Bengiyakukuhola, ngikuyise endlini kamame; ubuyakungifundisa; bengiyakukuphuzisa iwayini eliyolisiweyo, amanzi ompomegranati wami.
3 Isandla sakhe sokhohlo besiyakubaphansi kwekhanda lami, nesokunene sakhe besiyakungigona.
4 Ngiyanifungisa, madodakazi aseJerusalema, ukuba ningalunyakazisi, ningaluvusi uthando, lungakavumi.
5 Ngubani owenyuka ehlane encike kothandiweyo wakhe na? Phansi komapula ngakuvusa; lapho unyoko wayenemihelo ngawe, khona lapho wayenemihelo owakuzalayo.
6 Ngifake njengophawu enhliziyweni yakho, njengophawu engalweni yakho, ngokuba uthando lunamandla njengokufa; isikhwele silukhuni njengendawo yabafileyo; amalangabi alo angamalangabi omlilo, ilangabi likaJehova.
7 Amanzi amaningi awanakulucima uthando, nemifula ayinakuluminzisa; uma umuntu ebeyakunika yonke impahla yendlu yakhe ngothando, nokho ubeyakwaliwa nokwaliwa.
8 Sinodadewethu omncane, kanawo amabele; siyakwenza njani ngodadewethu ecelwa na?
9 Uma elugange, siyakwakha phezu kwakhe umbhoshongwana wesiliva; uma eyisicabha, siyakumvalela ngamapulangwe omsedari.
10 Ngilugange, namabele ami anjengemibhoshongo; khona ngaba semehlweni akhe njengofumene ukuthula.
11 USolomoni wayenesivini eBali Hamoni; wasinika isivini kubaphathi; baletha, kwaba yilowo nalowo, izinhlamvu eziyinkulungwane zesiliva ngezithelo zaso.
12 Isivini esingesami siphambi kwami; inkulungwane mayibe ngeyakho, Solomoni, namakhulu amabili abe ngawabaphathi bezithelo zaso.
13 Wena ohlala emasimini, abangane balalela izwi lakho; ake ungizwise lona.
14 Shesha, othandiweyo wami, ufane nensephe nesixhumo sendluzele ezintabeni zamakha.