Joweli

Isahluko: 1 2 3

0:00
0:00

Isahluko 1

Izwi likaJehova elafika kuJoweli indodana kaPhethuweli.
2 Yizwani lokhu nina badala, nibeke indlebe nina nonke enihlezi ezweni. Kwake kwaba khona emihleni yenu noma emihleni yawobaba na?
3 Kutsheleni abantwana benu, nabantwana benu abantwana babo, nabantwana babo esinye isizukulwane.
4 Okushiywe yisibotho kudliwe yisikhonyane, nokushiywe yisikhonyane kudliwe yizinkumbi, nokushiywe yizinkumbi kudliwe yinkasa.
5 Phaphamani, zidakwa, nikhale, nihhewule nonke eniphuza iwayini ukuthi iwayini linqanyulelwe emlonyeni wenu.
6 Ngokuba kwenyukele ezweni lami isizwe esinamandla nesingenakubalwa; amazinyo aso angamazinyo engonyama, namazinyo aso emihlathi angawengonyamakazi.
7 Sichithile umvini wami, saxebula umkhiwane wami; siwuxhozile nokuwuxhoza, sawulahla, amagatsha awo sawenza aba mhlophe.
8 Khala njengentombi ebhince indwangu yamasaka ngomyeni wobusha bayo.
9 Iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa inqamukile endlini kaJehova; abapristi, izikhonzi zikaJehova, bayalila.
10 Amasimu achithekile, umhlabathi uyalila, ngokuba amabele achithiwe; iwayini elisha lishile, amafutha ayawuma.
11 Jabhani, balimi, nihhewule nina baphathi bezivini ngokolweni nangebhali, ngokuba isivuno samasimu sichithakele.
12 Umvini ubunile, imikhiwane iwumile; imipomegranati, namasundu, nemi-apula, nemithi yonke yasendle kubunile, ngokuba intokozo ibunile phakathi kwamadodana abantu.
13 Bhincani, nikhale, bapristi, nihhewule, nina zikhonzi ze-altare; wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka, zikhonzi zikaNkulunkulu wami, ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.
14 Ngcwelisani ukuzila ukudla, nibize umhlangano; buthani amalunga, yebo, bonke abakhe ezweni, endlini kaJehova uNkulunkulu wenu, nikhale kuJehova.
15 Hawu lolo suku! Ngokuba usuku lukaJehova lusondele, lufika njengokuchitha kuvela kuSomandla.
16 Akunqunywanga ukudla kwethu phambi kwamehlo ethu, intokozo nenjabulo endlini kaNkulunkulu wethu, na?
17 Imbewu iyabola phansi kwamagade ayo; izingobo zichithakele, izinqolobane zidiliziwe, ngokuba amabele omile.
18 Yeka, ukububula kwezilwane! Imihlambi yezinkomo ikhungathekile, ngokuba ayinadlelo, yebo, nemihlambi yezimvu izithwese icala.
19 Ngikhala kuwe Jehova, ngokuba amadlelo asehlane adliwe ngumlilo, nelangabi lishisile yonke imithi yasendle.
20 Yebo, nezilwane zasendle ziyakulangazelela, ngokuba imifula yamanzi ishile, nomlilo udlile amadlelo asehlane.