Mika

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7

0:00
0:00

Isahluko 7

Maye kimi! Ngokuba nginjengokuvunwa kwezithelo zasehlobo, njengokukhothozwa komvini; akukho hlukuzo lokudliwa; umphefumulo wami uyafisa ikhiwane eliyingqalabutho.
2 Abathembekileyo babhubhile emhlabeni, akakho oqotho phakathi kwabantu; bonke baqamekela igazi; bayazingelana, kube yilowo nalowo umfowabo ngenetha.
3 Izandla zabo ziphezu kokubi ukukuthuthukisa; isikhulu sinesicelo, umahluleli ubheka umvuzo; omkhulu ukhuluma ngesifiso somphefumulo wakhe; bayakwalukanisa.
4 Omuhle wabo unjengobobe, olungileyo mubi kunothango lwameva; usuku lwabalindi bakho nolokuhanjelwa kwakho lufikile; sekuyakuba ngukukhungatheka kubo.
5 Ningamethembi umngane, ningakholwa ngumhlobo; gcina iminyango yomlomo wakho kuye olala ngasesifubeni sakho.
6 Ngokuba indodana idelela uyise; indodakazi ivukela unina; umalokazana uvukela uninazala, nezitha zomuntu ngamadoda endlu yakhe.
7 Kepha mina ngiyakumbheka uJehova; ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami; uNkulunkulu wami uyakungizwa.
8 Ungathokozi ngami, sitha sami; ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uJehova uzakuba ngukukhanya kwami.
9 Ngiyakuthwala ulaka lukaJehova, ngokuba ngonile kuye, aze amele indaba yami, angenzele ukwahlulelwa, angiphumisele ekukhanyeni, ngibone ukulunga kwakhe.
10 Isitha sami siyakukubona, sisitshekelwe ngamahloni, esona besithi kimi: “Uphi uJehova uNkulunkulu wakho?” Amehlo ami ayakusibona; manje siyakunyathelwa njengodaka lwasezitaladini.
11 Kuyakufika usuku lokwakha izingange zakho; ngalolo suku umkhawulo wakho uyakudediselwa kude.
12 Ngalolo suku bayakufika kuwe bevela e-Asiriya nasemizini yaseGibithe, kusukela eGibithe kuze kube seMfuleni, kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela entabeni kuze kube sentabeni.
13 Kepha izwe liyakuba yincithakalo ngenxa yabakhileyo kulo ngezenzo zabo.
14 Yalusa abantu bakho ngentonga yakho, izimvu zefa lakho ezihlala zodwa ehlathini phakathi kweKarmeli; mazaluke eBashani nakwaGileyadi njengasezinsukwini zasendulo.
15 “Njengasezinsukwini zokuphuma kwakho ezweni laseGibithe ngiyakubabonisa izimangaliso.”
16 Abezizwe bayakubona, babe namahloni ngamandla abo onke, babeke isandla sabo emlonyeni wabo, izindlebe zabo zibe yizithulu.
17 Bayakukhotha uthuli njengenyoka, baphume bethuthumela njengezinto ezinabuzelayo emhlabathini ezindaweni zazo ezivalelweyo, bafike ngokuqhaqhazela kuJehova uNkulunkulu wethu, besabe ngenxa yakho.
18 Ngubani onguNkulunkulu onjengawe othethelela insali yefa lakho ububi bayo, uyiyekele isiphambeko sayo, na? Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade, ngokuba wenamela umusa.
19 Uyakubuye asibekezelele, anyathele phansi ububi bethu; yebo, uyakuphonsa zonke izono zabo ekujuleni kolwandle.
20 Uyakunika uJakobe ukuthembeka no-Abrahama umusa owakufungela obaba kwasezinsukwini zasendulo.