Malaki

Isahluko:1 2 3 4

0:00
0:00

Isahluko 3

“Bhekani, ngiyathuma isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzumayo ethempelini layo; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bheka, siyeza,” usho uJehova Sebawoti.
2 Ngubani ongathwala usuku lokufika kwaso? Ngubani oyakuma ekubonakaleni kwaso na? Ngokuba sinjengomlilo wocwengisisayo nensipho yomhlanzi.
3 Siyakuhlala sicwengisisa sihlanza isiliva, sihlambulule amadodana kaLevi, siwahluze njengegolide nesiliva, aze anikele ngeminikelo kuJehova ngokulunga.
4 Isiyakuba mihle kuJehova iminikelo yakwaJuda neyeJerusalema njengasezinsukwini zasendulo naseminyakeni yakuqala.
5 “Ngiyakusondela kini ukwahlulela, ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi, nangeziphingi, nangabafunga amanga, nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo, nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi, bengangesabi mina,” usho uJehova Sebawoti.
6 “Ngokuba mina Jehova angiguquki; ngalokho nina madodana kaJakobe aniqedwa.
7 Kusukela emihleni yawoyihlo nichezukile ezimisweni zami, anizigcinanga. Buyelani kimi, ngiyakubuyela kini,” usho uJehova Sebawoti. “Nokho nithi: ‘Siyakubuyela kanjani?’
8 “Umuntu angaphanga uNkulunkulu na? Nokho niyangiphanga. “Bese nithi: ‘Sikuphange kanjani na?’ “Ngokweshumi nangeminikelo.
9 Niqalekisiwe ngesiqalekiso, nokho niyangiphanga, sizwe sonke.
10 Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu,” usho uJehova Sebawoti, “uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.
11 Ngenxa yenu ngiyakukhuza okudlayo, kungachithi izithelo zomhlabathi wenu, nemivini yenu ayiyikuphutha endle,” usho uJehova Sebawoti.
12 “Zonke izizwe ziyakuthi nibusiswe, ngokuba niyakuba yizwe elithokozisayo,” usho uJehova Sebawoti.
13 “Amazwi enu ayelukhuni kimi,” usho uJehova. “Nokho nithi: ‘Sikhulumeni ngawe na?’
14 “Nithi: ‘Kuyize ukukhonza uNkulunkulu; kuyinzuzoni ukuthi sigcinile imfanelo yakhe nokuthi sihambe ngokukhedamisa phambi kukaJehova Sebawoti na?
15 Kepha manje siyakuthi babusisiwe abaziqhenyayo; yebo, abenza okubi bayakhiwa; noma bemlinga uNkulunkulu, bayakhululwa.’ ”
16 Khona abamesabayo uJehova bakhuluma bodwa omunye nomunye; uJehova waqaphela, wezwa, kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova, bezindla ngegama lakhe.
17 “Bayakuba ngabami,” usho uJehova Sebawoti, “babe yimfuyo yami ngosuku engiyakulwenza, ngibahawukele, njengalokhu umuntu ehawukela indodana yakhe emkhonzayo.
18 Bese nibuya, nahlukanise abalungileyo nababi, abamkhonza uNkulunkulu nabangamkhonziyo.