Marku

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16

0:00
0:00

Isahluko 5

Base befika phesheya kolwandle ezweni lamaGerasa.
2 Esephume emkhunjini, kwahlangana naye masinyane umuntu ovela emathuneni, enomoya ongcolileyo.
3 Wayehlala emathuneni, kungasekho muntu ongambopha nangeketanga;
4 ngokuba wayeseboshwe kaningi ngawozankosi nangamaketanga, kepha amaketanga ayegqashuliwe nguye nawozankosi babephuliwe, kungekho noyedwa owayenamandla okumthambisa.
5 Ngesikhathi sonke ubusuku nemini wayesemathuneni nasezintabeni, ememeza, ezilimaza ngamatshe.
6 Wathi ukuba ambone uJesu esekude, wagijima, wakhuleka kuye;
7 wayesememeza ngezwi elikhulu, ethi: “Nginamsebenzi muni nawe Jesu, Ndodana kaNkulunkulu oPhezukonke? Ngikufungisa uNkulunkulu, ungangihluphi.”
8 Ngokuba wathi kuye: “Phuma kulo muntu, moya ongcolileyo.”
9 Wayesembuza ethi: “Ngubani igama lakho?” Wathi kuye: “NginguLegiyona igama lami, ngokuba sibaningi.”
10 Wamncenga kakhulu ukuba angabamukisi kulelo zwe.
11 Kwakukhona lapho ngasentabeni umhlambi omkhulu wezingulube ziklabile.
12 Bamncenga bathi: “Sithumele ezingulubeni ukuba singene kuzo.”
13 Wabavumela. Omoya abangcolileyo baphuma, bangena ezingulubeni; umhlambi wagulukudela eweni, waphonseka elwandle kungathi izinkulungwane ezimbili, zaminza elwandle.
14 Ababezalusa babaleka, baya babika emzini nasemaphandleni; base beza ukuyobona okwenzekileyo.
15 Bafika kuJesu, bambona obekhwelwe ngamademoni ehlezi embethe, esangulukile, yena owayenelegiyona; base besaba.
16 Ababekubonile babatshela ukuthi kwenzeke kanjani kowayekhwelwe ngamademoni, nangezingulube.
17 Base beqala ukumncenga ukuba amuke ezweni lakubo.
18 Wathi ukuba angene emkhunjini, lowo owayekhwelwe ngamademoni wamncenga ukuba abe naye.
19 Akamvumelanga, kepha wathi kuye: “Hamba uye ekhaya kwabakini, ubabikele ukuthi kungakanani iNkosi ekwenzele khona, yakuhawukela.”
20 Wamuka-ke, waqala ukulanda eDekapholi ngokuthi kungakanani abekwenzile kuye uJesu; bamangala bonke.
21 Khona uJesu esebuye ewelele ngaphesheya ngomkhumbi, kwabuthana isixuku esikhulu kuye engaselwandle.
22 Kwase kufika omunye wabaphathi besinagoge, nguJayiru igama lakhe, owathi ukuba ambone, waziphonsa phansi ngasezinyaweni zakhe,
23 wamncenga kakhulu, wathi: “Indodakazi yami isiyalela; ake uze, ubeke izandla phezu kwayo ukuba isindiswe, iphile.”
24 Wahamba naye. Isixuku esikhulu samlandela, samcindezela.
25 Owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili,
26 ehluphekile ngokuningi ezinyangeni eziningi, echithile konke ayenakho, engasizakalanga ngalutho, kodwa kwayilokhu kuqhubeka,
27 esezwile ngoJesu, weza esixukwini ngasemuva, wathinta ingubo yakhe,
28 ngokuba wathi: “Uma ngingathinta nje izingubo zakhe, ngizakusindiswa.”
29 Kwanqamuka masinyane umthombo wegazi lakhe, wezwa emzimbeni ukuthi uphulukile enhluphekweni yakhe.
30 Wanele ukuzwa uJesu phakathi kwakhe ukuthi amandla aphumile kuye, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?”
31 Abafundi bakhe bathi kuye: “Uyabona isixuku sikucindezela, usuthi: ‘Ngubani ongithintileyo na?’ ”
32 Waqalaza ukuba ambone owenzile lokho.
33 Khona owesifazane esaba ethuthumela, azi okwenzekile kuye, weza waziphonsa phansi phambi kwakhe, wamtshela iqiniso lonke.
34 Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho.”
35 Esakhuluma, kwafika abomphathi wesinagoge, bathi: “Indodakazi yakho isifile; usamkhathazelani uMfundisi na?”
36 Kwathi ukuba uJesu ezwile izwi elishiwoyo, wathi kumphathi wesinagoge: “Ungesabi, kholwa kuphela.”
37 Akavumelanga muntu amlandele, kuphela oPetru, noJakobe, noJohane umfowabo kaJakobe.
38 Bafika-ke endlini yomphathi wesinagoge, wabona isiyaluyalu nabakhalayo nabalila kakhulu.
39 Wangena, wathi kubo: “Niyaluzelani, nikhalelani na? Umntwana akafile, kodwa ulele.”
40 Bamhleka usulu. Kepha yena wabakhipha bonke, wathatha uyise womntwana nonina kanye nababe naye, wangena lapho kulele khona umntwana.
41 Wabamba umntwana ngesandla, wathi kuye: “Thalitha, kumi,” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Ntombazana, ngithi kuwe, vuka!”
42 Yayisivuka masinyane intombazana, yahamba; ngokuba yayineminyaka eyishumi nambili. Khona bamangala ngokumangala okukhulu.
43 Wabayalisisa ukuba lokhu kungaziwa muntu; futhi wathi mayiphiwe ukudla.