Luka

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24

0:00
0:00

Isahluko 17

Wayesethi kubafundi bakhe: “Kungeze kwenzeka ukuba kungaveli izikhubekiso; kodwa maye kulowo ezivela ngaye!
2 Kungcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe, alahlwe elwandle, kunokuba akhubekise abe munye kulaba abancinyane.
3 Xwayani nina. Uma umfowenu ona, mkhuze; uma ephenduka, mthethelele.
4 Noma ekonela kasikhombisa ngosuku, abuyele kuwe kasikhombisa, ethi: ‘Ngiyaphenduka,’ womthethelela.”
5 Abaphostoli base bethi eNkosini: “Yandisa ukukholwa kwethu.”
6 Yayisithi iNkosi: “Uma beninokukholwa okungangenhlamvu yesinaphi, beningasho kulo mthombe: ‘Simbuka, utshaleke elwandle,’ ubuyakunilalela.
7 “Ngumuphi kini onenceku elimayo nokuba eyalusayo, athi kuyo ibuya endle: ‘Sondela masinyane, uhlale phansi, udle’?
8 Kodwa akayikusho kuyo ukuthi: ‘Lungisa engizakukudla, uzibophe, ungiphakele, ngize ngidle, ngiphuze, andukuba udle, uphuze wena,’ na?
9 Uyayibonga yini inceku, ngokuba yenzile ekuyaliweyo na?
10 Kunjalo nani, nxa nikwenzile konke enikuyaliweyo, anothi: ‘Asizinceku zalutho; sikwenzile nje ebesifanele ukukwenza.’ ”
11 Kwathi esehamba ukuya eJerusalema, wadabula iSamariya neGalile.
12 Esangena emzaneni othile, kwahlangana naye amadoda ayishumi anochoko, amela kude,
13 aphakamisa izwi, athi: “Jesu Nkosi, sihawukele!”
14 Kuthe ewabona, wathi kuwo: “Hambani, niyoziveza kubapristi.” Kwathi esahamba, ahlanjululwa.
15 Enye yawo isibona ukuthi iphulukisiwe, yabuya imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu,
16 yawa ngobuso ngasezinyaweni zakhe imbonga; yayingumSamariya.
17 Kepha uJesu waphendula wathi: “Akuhlanjululwanga abayishumi na? Baphi, pho, abayisishiyagalolunye na?
18 Abafunyaniswanga yini ababuyela ukumnika uNkulunkulu udumo, kuphela lona wezizwe na?”
19 Wayesethi kuye: “Sukuma uhambe; ukukholwa kwakho kukusindisile.”
20 Ebuzwe ngabaFarisi ukuthi umbuso kaNkulunkulu uzakufika nini, wabaphendula wathi: “Umbuso kaNkulunkulu awufiki ubonwa ngamehlo.
21 Futhi kabayikusho ukuthi: ‘Bhekani, nanku,’ nokuba, ‘nankuya;’ ngokuba bhekani, umbuso kaNkulunkulu uphakathi kini.”
22 Wayesethi kubafundi bakhe: “Kuzakufika izinsuku, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kepha aniyikulubona.
23 Bayakuthi kini: ‘Bhekani, nansiya; bhekani, nansi;’ maningayi, ningalandeli.
24 Ngokuba njengonyazi, nxa lunyazima kwenye indawo phansi kwezulu, lukhanya luze lufike kwenye indawo phansi kwezulu, yoba njalo iNdodana yomuntu ngosuku lwayo.
25 Kepha kuqala imelwe ukuhlupheka ngokuningi, yaliwe yilesi sizukulwane.
26 “Njengokuba kwenzeka emihleni kaNowa, kuyakuba njalo nasemihleni yeNdodana yomuntu.
27 Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke.
28 “Kanjalo njengokuba kwenzeka nasemihleni kaLoti, babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala, bakha;
29 kepha ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma lana umlilo nesibabule kuvela ezulwini, kwababhubhisa bonke;
30 kuyakuba njalo ngosuku eyakwambulwa ngalo iNdodana yomuntu.
31 Ngalolo suku oyakuba phezu kwendlu, impahla yakhe isendlini, kangehli ukuyithatha; njalo nosensimini kangabuyeli emuva.
32 Khumbulani umkaLoti.
33 Ofuna ukuzuza ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kepha olahlekelwa yikho uyakukulondoloza.
34 Ngithi kini: Ngalobo busuku kuyakuba khona ababili embhedeni munye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.
35 Kuyakuba khona ababili besila ndawonye; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.
36 Kuyakuba khona ababili ensimini; omunye uyakuthathwa, omunye ashiywe.”
37 Base bephendula, bethi kuye: “Kuphi, Nkosi?” Wathi kubo: “Lapho kukhona isidumbu, kulapho amanqe eyakubuthana khona.”