Johane

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21

0:00
0:00

Isahluko 13

Kwathi ngaphambi komkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi isikhathi sakhe sesifikile ukuba amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni wabathanda kwaze kwaba sekupheleni.
2 Sekudliwa, uSathane esekufake enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele,
3 uJesu ekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe nokuthi wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuNkulunkulu,
4 wasuka ekudleni, wabeka izingubo zakhe, wathabatha indwangu, wakhwica.
5 Emva kwalokho wathela amanzi emcengezini, waqala ukugeza izinyawo zabafundi, wazesula ngendwangu abekhwice ngayo.
6 Wafika-ke kuSimoni Petru. Wathi kuye: “Nkosi, wena ugeza izinyawo zami na?”
7 UJesu waphendula, wathi kuye: “Lokhu engikwenzayo awukwazi manje, kodwa uzakukuqonda emva kwalokhu.”
8 UPetru wathi kuye: “Awusoze wageza izinyawo zami naphakade.” UJesu waphendula wathi: “Uma ngingakugezi, awunasabelo nami.”
9 USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, akungabi yizinyawo zodwa kepha nezandla nekhanda.”
10 UJesu wathi kuye: “Ogeziweyo kadingi lutho, kuphela ukugezwa izinyawo, kepha ugezekile wonke. Nina-ke nigezekile, kodwa angisho nonke.”
11 Ngokuba emazi obezakumkhaphela kungalokho athi: “Anigezekile nonke.”
12 Esegeze izinyawo zabo wathabatha izingubo zakhe, wabuye wahlala, wathi kubo: “Niyakwazi yini engikwenzile kini na?
13 Ningibiza nithi: ‘Mfundisi, Nkosi;’ nisho kahle, ngokuba ngiyikho.
14 Uma-ke mina, iNkosi noMfundisi, ngigeze izinyawo zenu, nani-ke nifanele ukugezana izinyawo.
15 Ngokuba ngininikile isibonelo ukuba nenze nani njengokuba ngenzile kini.
16 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Inceku ayinkulu kunenkosi yayo, nothunyiweyo kamkhulu kunomthumileyo.
17 Uma nazi lokho, nibusisiwe uma nikwenza.
18 “Angikhulumi ngani nonke; ngiyabazi engibakhethileyo; kodwa nga kugcwaliseka umbhalo othi: “ ‘Odla isinkwa sami ungiphakamisele isithende sakhe.’
19 “Kusukela manje ngiyanitshela kungakenzeki ukuba, nxa sekwenzeka, nikholwe ukuthi nginguye.
20 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Owamukela engimthumayo wamukela mina; ongamukelayo mina wamukela ongithumileyo.”
21 UJesu eseshilo lokho wakhathazeka emoyeni, wafakaza wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Omunye wenu uyakungikhaphela.”
22 Abafundi babhekana bengabaza ukuthi ukhuluma ngobani.
23 Kwakuhlezi ekudleni omunye wabafundi bakhe uJesu amthandayo, encike esifubeni sikaJesu.
24 USimoni Petru wayesemqhweba ethi: “Yisho ukuthi ubekhuluma ngobani na?”
25 Yena encike esifubeni sikaJesu wathi kuye: “Nkosi, ngubani na?”
26 Ngakho waphendula uJesu, wathi: “Yilowo engiyakumcwilisela ucezu, ngimnike lona.” Eselucwilisile-ke ucezu, walunika uJuda Iskariyothe.
27 Emva kocezu uSathane wayesengena kuye. Wayesethi kuye uJesu: “Okwenzayo kwenze masinyane.”
28 Kepha akabakho kwababehlezi ekudleni owayekwazi lokho ukuthi ukusho ngani kuye.
29 Kepha abanye bacabanga ukuthi, ngokuba uJuda ephethe isikhwama, uJesu uthi kuye: “Thenga esikuswele emkhosini,” noma ukuthi kabele abampofu okuthile.
30 Kuthe eseluthathile ucezu waphuma masinyane; kwakuse busuku.
31 Ngakho esephumile, uJesu wathi: “Kalokhu iNdodana yomuntu ikhazimulisiwe, noNkulunkulu ukhazimulisiwe kuyo.
32 Uma uNkulunkulu ekhazimulisiwe kuyo, noNkulunkulu uyakuyikhazimulisa kuye, uyakuyikhazimulisa masinyane.
33 “Bantwanyana, ngise khona nani isikhashana. Niyakungifuna, nanjengalokho ngasho kubaJuda ukuthi lapho ngiya khona ningeze nina, ngisho nakinina manje.
34 “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokhu nginithandile, nani nithandane.
35 Ngalokho bonke bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami, uma nithandana.”
36 USimoni Petru wathi kuye: “Nkosi, uya ngaphi na?” UJesu waphendula wathi: “Lapho ngiya khona, ungengilandele kalokhu; kepha uyakungilandela kamuva.”
37 Wathi kuye uPetru: “Nkosi, ngingekulandele kalokhu ngani na? Ngizakudela ukuphila kwami ngenxa yakho.”
38 UJesu waphendula wathi: “Uzakudela ukuphila kwakho ngenxa yami na? Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Iqhude alizukukhala, ungakangiphiki kathathu.”