AmaRoma

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16

0:00
0:00

Isahluko 12

Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda;
2 ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.
3 Ngokuba ngomusa engiwuphiweyo ngisho kulowo nalowo phakathi kwenu ukuthi angacabangi athi mkhulu kunalokho afanele ukukucabanga, kodwa acabange kube ngokuqonda, njengalokho uNkulunkulu abele lowo nalowo isilinganiso sokukholwa.
4 Ngokuba njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye, kepha izitho zonke azinamsebenzi munye,
5 kanjalo thina esibaningi simzimba munye kuKristu, kepha ngabanye siyizitho, omunye esomunye. 6
6 Sinezipho zomusa ezahlukileyo ngokomusa esiwuphiweyo; uma singesokuprofetha, asiprofethe ngesilinganiso sokukholwa;
7 uma singesokukhonza, kube senkonzweni; ofundisayo, kube sekufundiseni,
8 oyalayo, ekuyaleni; owabayo, enze ngobuqotho; oholayo, ngenkuthalo; ohawukelayo, ngentokozo.
9 Uthando malungabi nakuzenzisa; nenyanye okubi, nibambelele kokuhle;
10 thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane;
11 ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi;
12 ethembeni nithokoze; osizini nibekezele; ekukhulekeni niqinisele njalo;
13 hlanganyelani nabangcwele ekusweleni kwabo, nikhuthalele ukungenisa izihambi.
14 Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi.
15 Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.
16 Manibe nhliziyonye; ningazindli okuphakemeyo, kodwa yaneliswani ngokuphansi. Ningazishayi abahlakaniphileyo.
17 Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke;
18 uma kungenzeka, ngokwenu hlalisanani ngokuthula nabantu bonke;
19 ningaziphindiseli nina bathandwa, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngokwami ukuphindisela, ngiyakubuyisela mina,” isho iNkosi.
20 Kepha: “Uma isitha sakho silambile, siphe sidle; uma somile, siphuzise, ngokuba ngokwenza lokho uyakube ufumbela amalahle avuthayo ekhanda laso.”
21 Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.