2 Korinte

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13

0:00
0:00

Isahluko 11

Sengathi ningangibekezelela ebuwuleni obuyingcosana, yebo, ngibekezeleleni.
2 Ngokuba ngiyanishisekela ngokushisekela kukaNkulunkulu, ngokuba nganendisela endodeni eyodwa ukuba nginiyise kuKristu niyintombi emhlophe.
3 Kepha nginovalo lokuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zingadukiswa, ziyeke ubuqotho nobumhlophe ngakuKristu.
4 Ngokuba uma kufika umuntu eshumayela omunye uJesu esingamshumayelanga, noma namukela omunye umoya eningawamukelanga, noma elinye ivangeli eningalamukelanga, nikubekezelela kakhulu.
5 Ngokuba ngithi angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu.
6 Noma ngiyibhimbi lokukhuluma, nokho angisilo ngokwazi; lokhu sikubonakalisile kinina ngezindlela zonke ezintweni zonke.
7 Kumbe ngonile yini ngokuzithoba ukuba niphakanyiswe nina, lokhu nganishumayeza ngesihle ivangeli likaNkulunkulu na?
8 Ngaphanga amanye amabandla, ngithatha iholo kuwo, ukuba ngikhonze nina;
9 nalapho ngikhona kini ngiswele, angibanga mthwalo kumuntu, ngokuba abazalwane abavela eMakedoniya bakuqeda ukuswela kwami; ezintweni zonke ngazilinda ukuba nginganisindi, futhi ngisezakuzilinda.
10 Njengalokhu iqiniso likaKristu likimi, angiyikwaphucwa lolo dumo ezigodini zase-Akhaya.
11 Ngani na? Ngokuba nginganithandi na? UNkulunkulu uyazi.
12 Kepha engikwenzayo ngizakukwenza futhi, ukuze ngibaphuce ithuba abafuna ithuba lokuba bafunyanwe benjengathi kulokho abazibonga ngakho.
13 Ngokuba abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi ezikhohlisayo, beziguqula abaphostoli bakaKristu.
14 Akumangalisi, ngokuba uSathane uqobo uziguqula ingelosi yokukhanya.
15 Ngakho akuyinto enkulu, uma nezikhonzi zakhe ziziguqula izikhonzi zokulunga ezikuphela kwazo kuyakuba njengokwemisebenzi yazo.
16 Ngiyaphinda ngithi: Makungasho muntu ngami ukuthi ngiyisiwula; kepha noma kungaba njalo, nokho ngamukeleni njengesiwula, ukuze nami ngizibonge kancane.
17 Lokho engikushoyo ngalesi sibindi sokuzibonga, angikusho ngokweNkosi, kodwa ngikusho kungathi ngobuwula.
18 Lokhu abaningi bezibonga ngokwenyama, nami ngiyakuzibonga.
19 Ngokuba abayiziwula nibabekezelela ngenjabulo, lokhu ningabahlakaniphileyo,
20 ngokuba niyabekezela, uma umuntu enenza izigqila, uma enidla, uma enibamba, uma ezikhukhumeza, uma enishaya ebusweni.
21 Ngisho ngamahloni ukuthi kade sibuthakathaka. Kepha kulokho umuntu anesibindi ngakho — ngikhuluma ngobuwula — nami nginesibindi ngakho.
22 BangamaHeberu na? Nami. Bangaba-Israyeli na? Nami. Bayinzalo ka-Abrahama na? Nami.
23 Bayizikhonzi zikaKristu na? Ngikhulumisa okohlanya — ngiyiso kakhulu kunabo; ekukhandlekeni kakhulu kunabo, nasekuboshweni kaningi kunabo, nasekushayweni okukhulu impela, nasezingozini zokufa ngezikhathi eziningi.
24 KubaJuda ngathola kahlanu imivimbo, kushiywa munye emashumini amane;
25 ngashaywa kathathu ngezinduku, ngakhandwa kanye ngamatshe, kathathu ngalinyalelwa umkhumbi, ngaba semanzini olwandle ubusuku bunye nemini;
26 ngangisekuhambeni kaningi, nasezingozini zemifula, nasezingozini zabaphangi, nasezingozini kwabakithi, nasezingozini kwabezizwe, nasezingozini emzini, nasezingozini ehlane, nasezingozini elwandle, nasezingozini kubazalwane bamanga,
27 ngokukhandleka nangokukhathazeka, kaningi ngokuqwasha ebusuku, ngokulamba nangokoma, kaningi ngokuzila ukudla, nasemakhazeni nangokuhambaze;
28 ngaphandle kwezinye izinto kukhona okungicindezelayo imihla yonke: ukukhathalela onke amabandla.
29 Ngubani obuthakathaka ngingebuthakathaka nami na? Ngubani okhubekiswayo kungavuthi kimi na?
30 Uma ngimelwe ukuzibonga, ngiyakuzibonga ngobuthakathaka bami.
31 UNkulunkulu noYise weNkosi uJesu, obongekayo phakade naphakade, uyazi ukuthi angiqambi amanga.
32 EDamaseku induna yenkosi u-Aretha yalinda umuzi wamaDamaseku ukuba ingibambe;
33 ngehliswa efasiteleni ngesilulu ogangeni, ngaphepha ezandleni zayo.