Galathiya

Isahluko:1 2 3 4 5 6

0:00
0:00

Isahluko 5

UKristu wasikhulula ukuba sibe nenkululeko; ngakho-ke yimani niqine, ningabe nisaboshelwa ejokeni lobugqila.
2 Bhekani, mina Pawulu ngithi kini, uma nisoka, uKristu kayikunisiza ngalutho.
3 Ngiyaphinda ngiqinisa kumuntu wonke osokayo ukuthi unecala lokugcina umthetho wonke.
4 Nahlukene noKristu nina nonke enifuna ukulungisiswa ngomthetho; niwile emseni.
5 Ngokuba thina ngaye uMoya sihlalela ithemba lokulungisiswa ngokukholwa.
6 Ngokuba kuKristu Jesu akusizi lutho ukusoka nokungasoki, kepha kuphela ukukholwa okusebenza ngothando.
7 Benigijima kahle; pho, nithiywe ngubani ukuba ningalaleli iqiniso na?
8 Lokho kuyenga akuveli konibizayo.
9 Imvubelo eyingcosana ibilisa inhlama yonke.
10 Nginethemba ngani eNkosini ukuthi aniyikuba nawo omunye umqondo; kepha onikhathazayo uyakuthwala ukwahlulelwa kwakhe, noma engubani.
11 Kepha mina, bazalwane, uma ngisashumayela ukusoka, ngisazingelelwani na? Ngabe siphelile isikhubekiso sesiphambano.
12 Sengathi bangazihuna abaninyakazisayo.
13 Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.
14 Ngokuba umthetho wonke ugcwalisiwe ezwini linye lokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengokuba uzithanda wena.”
15 Kepha uma nilumana, nidlana, qaphelani ukuba ningaqedani.
16 Kepha ngithi: Hambani ngoMoya, khona aniyikufeza izinkanuko zenyama.
17 Ngokuba inyama ikhanuka okuphambene noMoya, kepha uMoya ukhanuka okuphambene nenyama; ngokuba lezi zinto ziyamelana, ukuze ningenzi lokho enikuthandayo.
18 Kepha uma niholwa nguMoya, aniphansi komthetho.
19 Kepha imisebenzi yenyama isobala, engukuthi: ubufebe, nokungcola, namanyala,
20 nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana,
21 nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo engandulela ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
22 Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka,
23 nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.
24 Kepha abakaKristu Jesu babethele esiphambanweni inyama kanye nokuhuheka nezinkanuko.
25 Uma siphila ngoMoya, masihambe futhi ngoMoya.
26 Masingafuni udumo oluze, siqalana, sifelane umhawu.