Efesu

Isahluko:1 2 3 4 5 6

0:00
0:00

Isahluko 6

Bantwana, lalelani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile.
2 Yazisa uyihlo nonyoko, okungumyalelo wokuqala onesithembiso:
3 ukuze kube kuhle kuwe, uhlale kade emhlabeni.
4 Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.
5 Zinceku, abangamakhosi enu ngokwenyama, balaleleni ngokwesaba nokuthuthumela ngobuqotho benhliziyo yenu kungathi kukuKristu,
6 ningathengi amehlo njengabathokozisa abantu, kodwa njengezinceku zikaKristu nenze intando kaNkulunkulu ngenhliziyo,
7 nikhonze ngothando kungathi kuseNkosini kungekubantu,
8 nazi ukuthi konke okuhle yilowo nalowo akwenzayo, uzakukwamukela okunjalo eNkosini, noma eyinceku noma engokhululekileyo.
9 Nani makhosi, yenzani okunjalo kuzo, niyeke ukusongela, nazi ukuthi neyazo neyenu iNkosi isezulwini nokuthi ukukhetha umuntu akukho kuye.
10 Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.
11 Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane;
12 ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini.
13 Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime.
14 Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifakile isivikelo sesifuba sokulunga,
15 izinyawo zigqokisiwe ukulungela kukho ukushumayela ivangeli lokuthula;
16 kukho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi,
17 namukele futhi isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu,
18 ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke,
19 ninginxusele nami ukuba ngiphiwe izwi, nxa ngivula umlomo wami, ngize ngiyishumayele ngesibindi imfihlakalo yevangeli;
20 engiyisithunywa ngalo esiboshiwe ngamaketanga, ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume.
21 Kepha ukuba nani nazi okuqondene nami nalokhu engikwenzayo, uyakunazisa konke uThikhiku, umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo eNkosini,
22 engamthumela kini ngakho lokho ukuba nazi izindaba zethu, nokuba aduduze izinhliziyo zenu.
23 Ukuthula makube kubazalwane, nothando kanye nokukholwa okuvela kuNkulunkulu uYise naseNkosini uJesu Kristu.
24 Umusa mawube nabo bonke abathanda iNkosi yethu uJesu Kristu ngokunganqamukiyo.