Kolose

Isahluko: 1 2 3 4

0:00
0:00

Isahluko 1

UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, noThimothewu umzalwane
2 kubo abaseKolose, abangcwele nabazalwane abakholwayo kuKristu; makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu.
3 Simbonga njalonjalo uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu, nxa sinikhulekela,
4 lokhu sizwile ngokukholwa kwenu kuKristu Jesu nangothando eninalo kubo bonke abangcwele,
5 ngenxa yethemba enibekelwe lona ezulwini, enezwa ngalo ngaphambili ngezwi leqiniso levangeli
6 elifikile kini, njengalokhu likhona ezweni lonke lithela izithelo, landa, njengokuba kunjalo naphakathi kwenu, kusukela osukwini enezwa ngalo, nazi umusa kaNkulunkulu ngeqiniso,
7 njengalokho nafunda ku-Ephafra othandekayo oyinceku kanye nathi, oyisikhonzi esithembekayo sikaKristu ngenxa yenu;
8 okunguyena futhi wasitshela ngothando lwenu ngoMoya.
9 Ngalokho nathi, kusukela osukwini esezwa ngalo, asiyeki ukunikhulekela nokuninxusela ukuba nigcwaliswe ngokwazi intando yakhe ngokuhlakanipha konke nokuqonda okungomoya,
10 nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu,
11 niqiniswe nokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, kuze kube ngukubekezela konke nokubheka kade ngokujabula;
12 nibonga uYise owanenza nifanele isabelo sefa labangcwele ekukhanyeni,
13 owasikhulula emandleni obumnyama nowasibeka embusweni weNdodana yothando lwakhe;
14 okukuyo sinokuhlengwa, ukuthethelelwa kwezono,
15 yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongenakubonwa, izibulo lezidalwa zonke,
16 ngokuba kwadalelwa kuyo konke okusezulwini nasemhlabeni, okubonwayo nokungenakubonwa, nokuba kuyizihlalo zobukhosi, nokuba kuyimibuso, nokuba kuyizikhulu, nokuba kuyiziphathimandla; konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa yona;
17 yona ingaphambi kwakho konke, nezinto zonke zimi ngayo;
18 yona iyinhloko yomzimba, ngisho ibandla, engukuqala, izibulo kwabafileyo, ukuze yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke,
19 ngokuba kwaba kuhle kuye ukuba ukugcwala konke kuhlale kuyo
20 nokuba ngayo abuyisane nakho konke esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, nokuba kuyizinto ezisemhlabeni nokuba ngezisezulwini.
21 Nani ekade ningabafokazi nezitha engqondweni ngemisebenzi emibi,
22 nokho manje usebuyisene nani emzimbeni wenyama yayo ngokufa ukuba animise ningcwele, ningenasisihla nacala phambi kwakhe,
23 uma kambe nihlala ekukholweni, nisekeliwe nigxilile, ningagudluzwa ethembeni levangeli enalizwayo, elashunyayelwa kukho konke okudaliweyo okuphansi kwezulu, engenziwa isikhonzi salo mina Pawulu.
24 Kalokhu ngiyathokoza ezinhluphekweni zami ngenxa yenu ngokugcwalisa okusileleyo osizini lukaKristu enyameni yami ngenxa yomzimba wakhe, oyibandla;
25 engenziwa isikhonzi salo ngokwesimiso sikaNkulunkulu enganikwa sona maqondana nani ukuba ligcwaliswe izwi likaNkulunkulu,
26 ngisho imfihlakalo ebifihlakele selokhu kwaqala izikhathi nezizukulwane, kepha kalokhu yambuliwe kwabangcwele bakhe;
27 okubona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yaleyo mfihlakalo phakathi kwabezizwe, enguKristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo;
28 okunguye esimshumayelayo, siluleka wonke umuntu, sifundisa wonke umuntu ngokuhlakanipha konke, ukuze simise wonke umuntu ephelele kuKristu,
29 engikusebenzelayo futhi, ngilwa ngokusebenza kwakhe okusebenza kimi ngamandla.