1 Thesalonika

Isahluko:1 2 3 4 5

0:00
0:00

Isahluko 5

Kepha ngezikhathi nangemizuzu, bazalwane, anisweli ukulotshelwa,
2 ngokuba nina uqobo niyazi kahle ukuthi usuku lweNkosi luza njengesela ebusuku.
3 Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.
4 Kepha nina bazalwane anikho ebumnyameni, ukuze lolo suku lunifice njengesela,
5 ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya, ningabantwana bemini. Asisibo abobusuku noma abobumnyama;
6 ngalokho-ke masingalali njengabanye, kodwa masiqwashe, siqonde.
7 Ngokuba abalalayo balala ebusuku, nabadakwayo badakwa ebusuku;
8 kepha thina esingabemini masiqonde, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nesothando, isigqoko sibe yithemba lokusindiswa;
9 ngokuba uNkulunkulu kasimiselanga ulaka kepha ukuba sizuze ukusindiswa ngeNkosi yethu uJesu Kristu
10 owasifelayo ukuba, noma siqwashile noma silele, siphile kanye naye.
11 Ngalokho-ke vuselelanani, nakhane njengokuba futhi nikwenza.
12 Kepha siyanincenga, bazalwane, ukuba nibazi abakhandlekayo phakathi kwenu, nabaniphetheyo eNkosini, nabanilulekayo,
13 nibazisise kakhulu othandweni ngenxa yomsebenzi wabo. Hlalisanani ngokuthula.
14 Kepha siyaniyala, bazalwane, ukuba niluleke abangahambi ngomthetho, nithokozise abadanileyo, nisekele ababuthakathaka, nibabekezelele bonke.
15 Qaphelani ukuba kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kepha jongani njalo ukwenza okuhle, omunye komunye nakubo bonke.
16 Thokozani njalo;
17 khulekani ningaphezi;
18 kukho konke bongani; ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani.
19 Ningamcimi uMoya;
20 ningakudeleli ukuprofetha;
21 vivinyani konke, nibambisise okuhle;
22 dedani kukho konke okubonakala kukubi.
23 Kepha uNkulunkulu wokuthula, yena uqobo, makaningcwelise ngokupheleleyo, kulondolozwe umoya wenu wonke nomphefumulo nomzimba, kungabi nacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu.
24 Uthembekile yena onibizayo, oyakukwenza futhi.
25 Bazalwane, sikhulekeleni.
26 Khonzani kubazalwane bonke ngokwanga okungcwele.
27 Ngiyanifungisa iNkosi ukuba le ncwadi ifundwe kubo bonke abazalwane.
28 Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani.