2 Thesalonika

Isahluko:1 2 3

0:00
0:00

Isahluko 2

Kepha siyanxusa, bazalwane, mayelana nokufika kweNkosi yethu uJesu Kristu nokubuthanela kwethu kuyo,
2 ukuba ningasheshi ninyakaziswe engqondweni yenu, ningethuswa noma ngomoya, noma ngezwi, noma ngencwadi ngokungathi ivela kithi, sengathi usuku lukaKristu selufikile.
3 Makungabikho muntu onikhohlisayo nangayiphi indlela; ngokuba aluyikufika, kungaveli kuqala ukuhlubuka, kwambulwe umuntu ongenamthetho, indodana yokulahlwa,
4 omelana nakho konke, nozikhukhumeza phezu kwakho konke okuthiwa uNkulunkulu noma into ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu ezishaya uNkulunkulu.
5 Anikhumbuli yini ukuthi ngisekhona kini nganitshela lokho na?
6 Senikwazi okumbambezelayo, ukuze ambulwe ngesikhathi sakhe.
7 Ngokuba imfihlakalo yokungabi namthetho isiyasebenza, kuphela ukuze kudediswe yena obambezelayo manje.
8 Lapho-ke uzakwambulwa lowo ongenamthetho, eyakumqeda iNkosi uJesu Kristu ngomoya womlomo wayo, imchithe ngokubonakala kokufika kwayo,
9 lowo okufika kwakhe kungokokusebenza kukaSathane ngawo onke amandla, nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga,
10 nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo, ngenxa yokuba bengavumanga ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe.
11 Ngalokho-ke uNkulunkulu ubathumela amandla okuduka, baze bakholwe ngamanga,
12 ukuba bonke abangakholwanga yiqiniso benamela ukungalungi balahlwe.
13 Kepha thina simelwe ukubonga uNkulunkulu njalo ngani bazalwane abathandwa yiNkosi, ngokuba kwasekuqaleni uNkulunkulu wanikhethela ukusindiswa ngokungcwelisa kukaMoya nangokukholwa yiqiniso
14 anibizela kukho ngevangeli lethu, nize nizuze inkazimulo yeNkosi yethu uJesu Kristu.
15 Ngalokho-ke, bazalwane, yimani niqinile, nibambelele kuwo amasiko enawafundiswa noma ngezwi noma ngencwadi yethu.
16 Kepha iNkosi yethu uJesu Kristu uqobo, noNkulunkulu uBaba wethu owasithanda nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle,
17 makaduduze izinhliziyo zenu, aniqinise emisebenzini yonke nasemazwini onke amahle.