2 Thimothewu

Isahluko:1 2 3 4

0:00
0:00

Isahluko 2

Ngakho wena mntanami, yiba namandla emseni okuKristu Jesu;
2 lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abaningi, lokho-ke kubeke kubantu abathembekileyo abazakuba namandla okufundisa nabanye.
3 Hlanganyela nami ukuhlupheka njengebutho elihle likaKristu.
4 Akakho osempini olibala izidingo zalokhu kuphila, aze akholeke kulowo abuthwe nguye.
5 Futhi nxa umuntu encintisana, kaqheliswa engancintisananga ngokomthetho.
6 Umlimi osebenzayo kufanele ukuba kwamukele yena izithelo kuqala.
7 Qonda engikushoyo; ngokuba iNkosi iyakukunika ukuqonda ngezinto zonke.
8 Khumbula uJesu Kristu ovukile kwabafileyo, wenzalo kaDavide ngokwevangeli lami,
9 engihlupheka ngalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.
10 Ngalokho ngiyakhuthazela kukho konke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze nabo bazuze insindiso ekuKristu Jesu, kanye nenkazimulo yaphakade.
11 Likholekile leli zwi lokuthi: Ngokuba uma safa naye, siyakuphila naye futhi;
12 uma sikhuthazela, siyakubusa naye futhi; uma simphika, naye uyakusiphika;
13 uma singathembeki, yena uhlala ethembekile, ngokuba akanakuziphika.
14 Bakhumbuze ngalokho, ufakaze phambi kukaNkulunkulu ukuba bangalwi ngamazwi, okungasizi lutho, okuyincithakalo kwabezwayo.
15 Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.
16 Kepha ukukhuluma kwezwe okuyize ukugweme; ngokuba bayakuqhubekela phambili ekungamesabini uNkulunkulu,
17 nezwi labo liyakubhibha njengesilonda esibhucukayo, abaphakathi kwabo ngoHimenewu noFiletu
18 abadukileyo mayelana neqiniso, bethi ukuvuka kwabafileyo sekudlulile, bechitha ukukholwa kwabanye.
19 Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi, sinalolu phawu lokuthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKristu makadede kukho ukungalungi.”
20 Kepha endlini enkulu akukho izitsha zegolide nezesiliva kuphela kodwa nezemithi nezebumba, ezinye ezihloniphekayo, ezinye ezingahloniphekiyo;
21 ngalokho uma umuntu ezihlanza kulezo zinto, uyakuba yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esinosizo kumninindlu, esilungiselwe umsebenzi wonke omuhle.
22 Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.
23 Kepha ukuphikisana kobuwula nokokungazi ukunqabe, wazi ukuthi kuzala ukulwa;
24 inceku kaKristu ayifanele ukulwa, kodwa mayibe mnene kubo bonke, inesu lokufundisa, ibekezela,
25 ibalaya ngomoya omnene abamelene nayo, kumbe uNkulunkulu angabanika ukuphenduka, baze balazisise iqiniso,
26 basanguluke, baphume ogibeni lukaSathane ababanjwe nguye ukuba benze intando yakhe.