EkaJakobe

Isahluko:1 2 3 4 5

0:00
0:00

Isahluko 2

Bazalwane bami, ukukholwa kwenu yiNkosi yethu yenkazimulo uJesu Kristu makungabi nokukhetha abantu.
2 Ngokuba uma kungena esinagogeni lenu umuntu onendandatho yegolide nezingubo ezicwebezelayo, kungene nompofu onezingubo ezimbi,
3 nimbheke ogqokile izingubo ezicwebezelayo, nithi: “Hlala lapha wena kulendawo enhle,” besenithi kompofu: “Yima lapho wena,” noma: “Hlala phansi kwesenabelo sezinyawo zami,”
4 anikhethi yini, nibe ngabahluleli abanezizindlo ezimbi na?
5 Yizwani, bazalwane bami abathandekayo. UNkulunkulu akakhethanga yini abampofu ezweni babe ngabacebileyo ekukholweni nezindlalifa zombuso awuthembisa bona abamthandayo na?
6 Kepha nina namdumaza ompofu. Abacebileyo abanicindezeli yini, abanihuduleli emacaleni na?
7 Abahlambalazi igama elihle enibizwa ngalo na?
8 Kepha uma nigcina umthetho wobukhosi ngokombhalo wokuthi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena,” nenza kahle;
9 kodwa uma nikhetha abantu, nenza isono, nilahlwa ngumthetho njengabaweqayo.
10 Ngokuba ogcina wonke umthetho kepha akhubeke kowodwa, unecala kuyo yonke.
11 Ngokuba yena owathi: “Ungaphingi,” wathi futhi: “Ungabulali,” uma-ke ungaphingi kepha ubulale, ungoweqa umthetho.
12 Khulumani kanjalo, nenze kanjalo njengokufanele abayakwahlulelwa ngomthetho wenkululeko.
13 Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni.
14 Kusizani, bazalwane bami, uma umuntu ethi unokukholwa, kepha engenayo imisebenzi na? Ukukholwa kungamsindisa na?
15 Uma umzalwane noma umzalwanekazi behamba ze, beswela ukudla kwemihla ngemihla,
16 kusho omunye kini kubo ukuthi: “Hambani nibe nokuthula, nifudumale; nisuthe,” kepha ningabaphi lokho okudingwa ngumzimba, lokhu kusizani na?
17 Kanjalo-ke nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho.
18 Kepha omunye uyakuthi: “Wena unokukholwa, mina nginemisebenzi,” ngibonise ukukholwa kwakho ngaphandle kwemisebenzi, nami ngizakukukhombisa ukukholwa ngemisebenzi yami.
19 Wena uyakholwa ukuthi uNkulunkulu munye na? Wenza kahle; namademoni ayakholwa, athuthumele.
20 Kepha wena muntu ongelutho uyathanda ukuqonda ukuthi ukukholwa ngaphandle kwemisebenzi kuyize na?
21 U-Abrahama ubaba wayengalungisiswa yini ngemisebenzi enikela ngendodana yakhe u-Isaka e-altare na?
22 Uyabona ukuthi ukukholwa kwasebenza kanye nemisebenzi yakhe nokuthi ukukholwa kwapheleliswa ngemisebenzi,
23 kwagcwaliseka umbhalo othi: “Kepha u-Abrahama wakholwa nguNkulunkulu, kwabalelwa kuye ukuthi kungukulunga,” wabizwa ngokuthi umhlobo kaNkulunkulu.
24 Niyabona ukuthi umuntu uyalungisiswa ngemisebenzi, kungengokukholwa kuphela.
25 Kanjalo-ke noRahabi isifebe wayengalungisiswa ngemisebenzi yini, ezamukele izithunywa eziphumisa ngenye indlela na?
26 Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.