Insindiso Yethu


  • “Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.
    Johane 3:16
  • ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu;  
    AmaRoma 3:23
  • Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.
    AmaRoma 6:23
  • UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.
    Johane 14:6
  • Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe,
    Johane 1:12
  • UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe:Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.”
    Johane 3:3
  • Yebo, cishe zonke izinto zihlanjululwa ngegazi ngokomthetho; ngaphandle kokuchitha igazi akukho ukuthethelelwa.
    KumaHeberu 9:22
  • wathi: “Ngiqinisile ngithi kini:Uma ningaphenduki, nibe njengabantwana, anisoze nangena embusweni wezulu.
    Mathewu 18:3
  • Bheka, ngimi ngasemnyango ngingqongqotha; uma umuntu ezwa izwi lami, avule umnyango, ngiyakungena kuye, ngidle naye, naye adle nami.
      IsAmbulo 3:20
  • Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.  
    1 Johane 1:9
  • Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa; ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga, ngomlomo uyavuma kube ngukusindiswa. ngokuba “bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa.”
    AmaRoma 10:9, 10, 13
  • Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo.
    Efesu 2:8, 9
  • wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele,
    KuThithu 3:5
  • Bona bathi: “Kholwa yiNkosi uJesu, yikhona uzakusindiswa wena nendlu yakho.”
    IzEnzo 16:31
  • Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”
    Johane 3:36
  • ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami.
    Johane 10:28
  • Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.
    2 Korinte 5:17