Umkhuleko


  • “Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.
    Mathewu 7:7
  • Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.
    Johane 15:7
  • ‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’
    Jeremiya 33:3
  • Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.
    Jeremiya 29:13
  • Kuyakuthi bengakangibizi, mina ngiphendule; besakhuluma, mina ngiyakuzwa.
    Isaya 65:24
  • Ngempela uNkulunkulu uzwile, walalela izwi lomkhuleko wami. Makabongwe uNkulunkulu ongalahlanga umkhuleko wami nomusa wakhe kimi.
    Mathewu 18:19, 20
  • Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.
    1 Johane 5:14, 15
  • Pray without ceasing.
    1 Thesalonika 5:17
  • Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami, ibingayikungizwa iNkosi. Ngempela uNkulunkulu uzwile, walalela izwi lomkhuleko wami.
    AmaHubo 66:18, 19
  • “Simoni, Simoni, bheka, uSathane unifunile ukuba anihlunge njengokolweni; kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.”
    Luka 22:31, 32
  • ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephilela njalo ukubamela.
    KumaHeberu 7:25
  • Ngalokho ngithanda ukuba amadoda akhuleke ezindaweni zonke, ephakamisa izandla ezingcwele, engenalulaka nokuphikisana.
    1 Thimothewu 2:8
  • Ngokunjalo noMoya uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa; kepha yena ohlola izinhliziyo uyakwazi okuqondwa nguMoya, ngokuba ukhulumela abangcwele ngokwentando kaNkulunkulu.
    AmaRoma 8:26, 27
  • Ngalokho ngithi kini:Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho.
    Marku 11:24
  • nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe.
    1 Johane 3:22
  • Waqhubeka ingcosana, wawa ngobuso bakhe, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, akudlule kimi lesi sitsha; nokho kungabi njengokuba ngithanda mina, kodwa njengokuba uthanda wena.”
    Mathewu 26:39
  • Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza. Kodwa nxa nikhuleka, ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.
    Mathewu 6:6, 7
  • Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.
    KumaHeberu 4:16
  • ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke,
    Efesu 6:18
  • Kusihlwa nasekuseni nasemini ngizakuzikhalela, ngibubule, abeselizwa izwi lami.
    AmaHubo 55:17
  • wanaka umkhuleko wabangenalutho, engawudeleli umthandazo wabo.
    AmaHubo 102:17
  • Ngiyamthanda uJehova, ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami. Ngokuba ubekile indlebe kimi ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami.
    AmaHubo 116:1, 2
  • Kusihlwa nasekuseni nasemini ngizakuzikhalela, ngibubule, abeselizwa izwi lami.
    AmaHubo 55:17
  • wanaka umkhuleko wabangenalutho, engawudeleli umthandazo wabo.
    AmaHubo 102:17
  • Ngiyamthanda uJehova, ngokuba uyezwa izwi lokukhuleka kwami. Ngokuba ubekile indlebe kimi ngiyakukhuleka kuye zonke izinsuku zami.
    AmaHubo 116:1, 2
  • Ngokuba wena sizwe esakhe eSiyoni eJerusalema ungabe usakhala nokukhala; uyakuba nomusa impela kuwe ngezwi lokudazuluka kwakho; lapho elizwa, uyakuphendula.
    Isaya 30:19
  • Kuyakuthi bengakangibizi, mina ngiphendule; besakhuluma, mina ngiyakuzwa.
    Isaya 65:24
  • ‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’
    Jeremiya 33:3
  • “Nalapho nikhuleka, ningabi njengabazenzisi, ngokuba bethanda ukukhuleka bemi emasinagogeni nasezinhlanganweni zezindlela ukuba babonwe ngabantu. Ngiqinisile ngithi kini:Sebewamukele umvuzo wabo.
    Mathewu 6:5
  • “Ngiqinisile ngithi kini:Konke eniyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe ezulwini, nakho konke eniyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe ezulwini. “Futhi ngiqinisile ngithi kini:Uma ababili kini emhlabeni bevumelana noma ngaluphi udaba abalucelayo, bayakulwenzelwa nguBaba osezulwini. Ngokuba lapho kubuthene ababili noma abathathu egameni lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.”
    Mathewu 18:18, 19, 20
  • Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni. Uma nicela utho kimi egameni lami, ngolwenza. .
    Johane 14:13, 14
  • Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe.
    Johane 15:7
  • Ngalolo suku aniyikubuza lutho kimi. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini:Lokhu eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona. Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale.
    Johane 16:23, 24
  • sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.
    EkaJakobe 4:8
  • nesikucelayo siyakukwamukeliswa nguye, ngokuba sigcina imiyalo yakhe, senza okuthandekayo ebusweni bakhe.
    1 Johane 3:22
  • Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.
    1 Johane 5:14, 15
  • “Usho kanje uJehova, oNgcwele ka-Israyeli noMenzi wakhe, uthi:Ningibuza ngezinto ezizayo, ngabantwana bami, ningiyaleze ngomsebenzi wezandla zami, na?
    Isaya 45:11
  • Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.
    Jeremiya 29:13
  • UJesu wayesephendula, ethi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini:Uma ninokukholwa, ningangabazi, aniyikwenza okomkhiwane kuphela, kodwa noma nithi kule ntaba:‘Nqukuleka, uphonseke elwandle,’ kuyakwenzeka; nakho konke eningakucela ngokukhuleka nikholwa niyakukwamukeliswa.”
    Mathewu 21:21, 21D, 22
  • Ngalokho ngithi kini:Konke enikukhulekelayo nenikucelayo, kholwani ukuthi nikwamukele, nizakuba nakho.
    Marku 11:24
  • “Ngithi kini:Celani, niyakuphiwa; funani, niyakufumana; ngqongqothani, niyakuvulelwa. Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uyakuvulelwa.
    Luka 11:9, 10
  • akangabazanga ngesithembiso sikaNkulunkulu ngokungakholwa, kodwa waqina ekukholweni, enika uNkulunkulu udumo, eqinisekile ukuthi lokho akwethembisile unamandla nokukwenza.
    AmaRoma 4:20, 21
  • Kepha yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi,
    Efesu 3:20
  • Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.
    KumaHeberu 4:16
  • kepha-ke ngaphandle kokukholwa akwenzeki ukumthokozisa; ngokuba ozayo kuNkulunkulu umelwe ukukholwa ukuthi ukhona nokuthi ungumvuzi walabo abamfunayo.
    KumaHeberu 11:6
  • Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya. Ngakho makangasho lowo muntu ukuthi uyakwamukeliswa utho yiNkosi,
    EkaJakobe 1:6, 7
  • Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.
    1 Johane 5:14
  • Jehova, ekuseni uyalizwa izwi lami; ekuseni ngiyakuzibika kuwe, ngilinde.
    AmaHubo 5:3
  • Ihubo likaDavide esehlane lakwaJuda. Nkulunkulu, wena unguNkulunkulu wami, ngiyakufuna ekuseni; umphefumulo wami womele wena; inyama yami ilangazelela wena ezweni elomileyo eligagadekileyo, lapho amanzi engekho khona.
    AmaHubo 63:1
  • Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe, abamfuna ngenhliziyo yonke,
    AmaHubo 119:2
  • Kepha wena, nxa ukhuleka, ngena ekamelweni lakho, uthi usuvale umnyango wakho ukhuleke kuYihlo osekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.
    Mathewu 6:6
  • “Ngokuba amaza okufa angihaqa; izikhukhula zokona zangethusa. Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza, izihibe zokufa zangehlela. Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova, ngakhala kuNkulunkulu wami; walizwa izwi lami esethempelini lakhe; ukukhala kwami kwangena ezindlebeni zakhe.
    2 Samuweli 22:5-7
  • Ngokuba akadelelanga, akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo; akamfihlelanga ubuso bakhe, kepha nalapha ekhala kuye, wezwa.
    AmaHubo 22:24
  • ngibize ngosuku lwenhlupheko; ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.
    AmaHubo 50:15
  • Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu, nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe; uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela
    AmaHubo 62:8
  • Nokho wanaka ukuhlupheka kwabo, esezwile ukukhala kwabo. Wabakhumbulela isivumelwano sakhe; waphenduka ngokobuningi bomusa wakhe.
    AmaHubo 106:44, 45
  • Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke; mangingaphambuki emiyalweni yakho.
    AmaHubo 119:10
  • Mfuneni uJehova esenokutholwa, nimbize eseseduze.
    Isaya 55:6
  • Kwakungekho owalibiza igama lakho, owazivusela ukubambelela kuwe, ngokuba wabusitheza ubuso bakho kithi, wasiqeda ngenxa yobubi bethu.
    Isaya 64:7
  • Niyakungifuna, ningifumane, lapho ningifunisisa ngenhliziyo yenu yonke.
    Jeremiya 29:13
  • Vuka ukhale ebusuku ekuqaleni kwemilindo, uthulule inhliziyo yakho njengamanzi phambi kobuso beNkosi; phakamisa izandla zakho kuyo ngenxa yokuphila kwezingane ezidangala ngendlala ezingosini zezitaladi zonke.
    IsiLilo 2:19
  • Masiphenye, sicinge izindlela zethu, sibuyele kuJehova. Masiphakamise izinhliziyo zethu kanye nezandla zethu kuNkulunkulu ezulwini.
    IsiLilo 3:40, 41
  • “Kepha manje,” usho uJehova, “phendukelani kimi ngenhliziyo yenu yonke, nangokuzila ukudla, nangokukhala, nangokulila.”
    Joweli 2:12
  • Kepha lolo hlobo aluphumi ngaphandle kokuba kube ngokukhuleka nokuzila ukudla.”
    Mathewu 17:21