Izwi


  • Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. ...ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
    Johane 1:1, 14
  • Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi:‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”
    Mathewu 4:4
  • Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe.
    AmaHubo 119:11
  • Nina senihlanzekile ngezwi engilikhulume kinina.
    Johane 15:3
  • Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.
    AmaHubo 119:130
  • Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso.
    1 Thimothewu 2:15
  • Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo;
    KumaHeberu 4:12
  • NguMoya ophilisayo, inyama ayisizi lutho; amazwi engiwakhulume kini angumoya, angukuphila.
    Johane 6:63
  • Kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amazwi ami awasoze adlula.
    Mathewu 24:35
  • njengezingane ezisand' ukuzalwa langazelelani ubisi olungokomoya olungenakonakala, ukuze nikhule ngalo kube ngukusindiswa,
    1 Petru 2:2