Ukuphumula


  • Wayesethi: “Ngiyakuhamba mina uqobo, ngikuphumuze, na?”
    Eksodusi 33:14
  • Besehlela ngasekugcineni komuzi, uSamuweli wathi kuSawule: “Yisho kuyo inceku ukuba idlule phambi kwethu — yadlula-ke — kepha yima wena manje ukuba ngikuzwise izwi likaNkulunkulu.”
    1 Samuweli 9:27
  • Wathi kuJuda: “Masakhe le mizi, siyihaqe ngogange, nangemibhoshongo, nangezivalo, nangemigoqo; izwe lisephambi kwethu, ngokuba simfunile uJehova uNkulunkulu wethu; simfunile, wasiphumuza nxazonke.” Base bakha-ke, baphumelela.
    2 IziKronike 14:7
  • Thukuthelani ningoni; zindlani enhliziyweni yenu okhukhweni lwenu, nithule. Sela
    AmaHubo 4:4
  • Lindela uJehova, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi; yebo, lindela uJehova.
    AmaHubo 27:14
  • Thula phambi kukaJehova, ulindele yena; ungakhathazeki ngonenhlanhla endleleni yakhe, ngomuntu osongoza amacebo amabi.
    AmaHubo 37:7
  • Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide. Ihubo. Bengilindela uJehova; wayesezikhothamisela kimi, wezwa ukukhala kwami.
    AmaHubo 40:1
  • Thulani, niqonde ukuthi mina nginguNkulunkulu; ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe, ngiphakame emhlabeni.
    AmaHubo 46:10
  • Phonsa phezu kukaJehova umthwalo wakho, uzakukuphasa; akayikuvuma naphakade ukuba olungileyo azanyazanyiswe.
    AmaHubo 55:22
  • Thembani kuye ngezikhathi zonke nina bantu, nithulule inhliziyo yenu phambi kwakhe; uNkulunkulu uyisiphephelo sethu. Sela
    AmaHubo 62:8
  • Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo, ngokuba yethemba kuwe.
    Isaya 26:3
  • Ngokuba yasho njalo iNkosi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, yathi: “Niyakusindiswa ngokuphenduka nangokuphumula, amandla enu abe ngukuthula nangokwethemba; kepha anithandanga.
    Isaya 30:15
  • Umsebenzi wokulunga uyakuba ngukuthula, impumelelo yokulunga ibe ngukulondeka kuze kube phakade.
    Isaya 32:17
  • kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.
    Isaya 40:31
  • “Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova, nothemba lakhe linguJehova.
    Jeremiya 17:7
  • Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba.
    Jeremiya 29:11
  • UJehova muhle kwabamethembayo, kumphefumulo omfunayo. Kuhle ukumethemba nokulindela ngokuthula ukusindisa kukaJehova.
    IsiLilo 3:25, 26
  • “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza. Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.”
    Mathewu 11:28-30
  • Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.
    Filipi 4:7
  • ngaleso sizathu ngiyahlupheka nangalokhu, kepha anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa nguye, ngiyethemba ukuthi unamandla okulonda lokho engikubekile kuye, kuze kube yilolo suku.
    2 Thimothewu 1:12
  • niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.
    1 Petru 5:7