Ukukhula [NgokoMoya]


  • Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma njengegolide.
    Jobe e 23:10
  • Ngokuba uJehova uyamlaya amthandayo, njengoyise indodana ayithandayo.
    IzAga 3:12
  • Kepha isitsha asenza ngebumba sonakala esandleni sombumbi; wabuye wenza esinye isitsha njengokuhle emehlweni ombumbi ukuba asenze.
    Jeremiya 18:4
  • Inhliziyo yakho iyakuma yini, izandla zakho ziqine ezinsukwini engiyakuphathana nawe ngazo, na? Mina Jehova ngikukhulumile, ngiyakukwenza.
    Hezekeli 22:14
  • “Ngalokho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala.
    Mathewu 7:24
  • Akuthelwa futhi iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa izimvaba ziqhume, newayini lichitheke, nezimvaba zonakale. Kodwa iwayini elisha balithela ezimvabeni ezintsha, kulondeke kokubili.”
    Mathewu 9:17
  • kepha ebingazi yenza okufanele imivimbo, iyakushaywa eyingcosana; yilowo nalowo ophiwe okuningi, kuyakubizwa okuningi kuye; nophathiswe okuningi, bayakubiza kuye okungaphezu kwalokho.
    Luka 12:48
  • “Simoni, Simoni, bheka, uSathane unifunile ukuba anihlunge njengokolweni; kepha mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli; wena-ke, nxa usuphendukile, uqinise abafowenu.”
    Luka 22:31, 32
  • Umelwe ukukhula yena, nginciphe mina.
    Johane 3:30
  • Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini:Uma inhlamvu kakolweni iwela emhlabathini ingafi, ihlala yodwa; kepha uma ifa, ithela izithelo eziningi.
    Johane 12:24
  • Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Yilelo nalelo elithela izithelo uyalihlunga ukuba lithele kakhulu.
    Johane 15:2
  • Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele izithelo ngokwalo, kuphela uma lihlala emvinini, kunjalo nani, kuphela uma nihlala kimi.
    Johane 15:4
  • futhi ninganikeli izitho zenu esonweni, zibe yizikhali zokungalungi, kodwa zinikeleni nina kuNkulunkulu njengabaphilayo bevukile kwabafileyo nezitho zenu kuNkulunkulu, zibe yizikhali zokulunga,
    AmaRoma 6:13
  • Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda; ningalingisi leli zwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibe ntsha ingqondo yenu, ukuze nibe nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.
    AmaRoma 12:1, 2
  • Ngakho asidangali, kodwa noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla. Ngokuba usizi lwethu olululana olungolomzuzwana luyasisebenzela isilinganiso esikhulu kakhulu senkazimulo emiyo phakade,
    2 Korinte 4:16, 17
  • Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.
    1 Korinte 10:13
  • Ngokuba noma sihamba sisenyameni kasilwi ngokwenyama, ngokuba izikhali zethu zokulwa kasizo ezenyama, kodwa ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, sichitha izizindlo,
    2 Korinte 10:3, 4
  • Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami. Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla.
    2 Korinte 12:9, 10
  • ngethembile ngempela yona le nto ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube lusuku lukaKristu Jesu,
    Filipi 1:6
  • Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.
    1 Thimothewu 6:12
  • Hlanganyela nami ukuhlupheka njengebutho elihle likaKristu.
    2 Thimothewu 2:3
  • Bazalwane bami, nxa nehlelwa yizilingo ngezilingo, anothi kungukuthokoza kodwa, nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela.
    EkaJakobe 1:2, 3
  • Ngakho thobelani uNkulunkulu, kepha nimelane noSathane, khona uyakunibalekela;
    EkaJakobe 4:7
  • enithokoza ngakho, nokuba manje ngesikhashana, uma kudingeka, nidabukiswa ngezilingo eziyizinhlobonhlobo, ukuze ukuvivinywa kokukholwa kwenu okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo kufunyanwe kube
    1 Petru 1:6, 7
  • Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo, kodwa njengalokhu ningabahlanganyeli bezinhlupheko zikaKristu, thokozani, ukuze kuthi nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe nithokoze, nethabe nokwethaba.
    1 Petru 4:12, 13
  • Wabeka igama elisha emlonyeni wami, igama lokubonga uNkulunkulu wethu; abaningi bayakukubona, besabe, bamethembe uJehova.
    AmaHubo 40:3
  • Ngiyakuninika inhliziyo entsha, ngifake phakathi kwenu umoya omusha, ngikhiphe inhliziyo yetshe enyameni yenu, ngininike inhliziyo yenyama.
    Hezekeli 36:26
  • Ngakho sembelwa naye ngokubhapathizelwa kukho ukufa ukuba njengalokho uKristu wavuswa kwabafileyo ngenkazimulo kaYise, kanjalo nathi sihambe ekuphileni okusha.
    AmaRoma 6:4
  • Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; okwakuqala kudlulile; bheka, sekuvele okusha.
    2 Korinte 5:17
  • nenziwe basha emoyeni wengqondo yenu, nembathe umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.
    Efesu 4:23, 24
  • Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile; kepha kunye engikwenzayo:ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili, ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.
    Filipi 3:13, 14