Ukupha


  • Phulukisani abagulayo, nivuse abafileyo, nihlambulule abanochoko, nikhiphe amademoni. Namukelisiwe ngesihle, yiphani ngesihle.
    Mathewu 10:8
  • Ungagodleli abaninikho okuhle, lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza.
    IzAga 3:27
  • Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.”
    Luka 6:38
  • Uma umzalwane noma umzalwanekazi behamba ze, beswela ukudla kwemihla ngemihla, kusho omunye kini kubo ukuthi: “Hambani nibe nokuthula, nifudumale; nisuthe,” kepha ningabaphi lokho okudingwa ngumzimba, lokhu kusizani na? Kanjalo-ke nokukholwa, uma kungenayo imisebenzi, kufile ngokwakho.
    EkaJakobe 2:15-17
  • Ukhona ohlakazayo; nokho uyenezelwa kakhulu; kepha ogodla kunokufaneleyo ubangelwa ukuswela kuphela. Umphefumulo ophanayo uyakukhuluphaliswa; ophuzisayo uyakuphuziswa naye.
    IzAga 11:24, 25
  • Muphe ocela kuwe, ungamfulatheli ofuna ukutsheleka kuwe.
    Mathewu 5:42
  • Ngokuba ompofu akasoze aphela ezweni; ngakho-ke ngiyakuyala ngithi:‘Womvulela nokumvulela umfowenu isandla sakho, abaswelayo bakho nabampofu bakho ezweni lakini.’
    Duteronomi 15:11
  • Dumisa uJehova ngempahla yakho, nangolibo lwazo zonke izithelo zakho, izinqolobane zakho zigcwale ngobuningi, nezikhamo zakho zichichime ngewayini elisha.
    IzAga 3:9, 10
  • Ovala indlebe yakhe ngokukhala kompofu naye uyakukhala angaphendulwa.
    IzAga 21:13
  • Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu,” usho uJehova Sebawoti, “uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo.
    Malaki 3:10
  • Kepha wena, nxa wabela isipho, isandla sakho sokhohlo masingakwazi esikwenzayo esokunene, ukuze isipho sakho sibe sekusithekeni; noYihlo obona ekusithekeni uzakukuvuza.
    Mathewu 6:3, 4
  • “Isiyakuphendula iNkosi, ithi kubo:‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nikwenzile komunye walaba bafowethu abancane, nikwenzile kimi.’
    Mathewu 25:40
  • Kepha nakhu:ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu. Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza. Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame, ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke, nivame imisebenzi yonke emihle, njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Wahlaphaza, wapha abampofu; ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade.” Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu, ukuze ezintweni zonke nicetshiswe kukho ukuphana konke okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu. Ngokuba ukukhonza ngale nkonzo akuqedi kuphela ukuswela kwabangcwele, kepha futhi kuvamisa kakhulu ukumbonga uNkulunkulu ngabaningi,
    2 Korinte 9:6-12