Yilwa


  • ‘Yizwa, Israyeli! Nisondela namuhla empini ukuhlasela izitha zenu; inhliziyo yenu mayingadangali, ningesabi, ningaqhaqhazeli, ningashaywa luvalo phambi kwazo,
    Duteronomi 20:3
  • ElikaDavide. Makabongwe uJehova, idwala lami, ofundisa izandla zami ukuhlasela neminwe yami ukulwa,
    AmaHubo 144:1
  • Nami-ke ngithi kuwe:Wena unguPetru; phezu kwaleli dwala ngiyakulakha ibandla lami; amasango eHayidese awayikulahlula.
    Mathewu 16:18
  • Kodwa makabongwe uNkulunkulu osihola njalo odwendweni lokunqoba kuKristu nobonakalisa ngathi iphunga lokwazi kwakhe ezindaweni zonke;
    2 Korinte 2:14
  • ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuqiniseka emandleni ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi;
    Efesu 3:16
  • Yilwa ukulwa okuhle kokukholwa, ubambelele ekuphileni okuphakade owabizelwa kukho, wavuma ukuvuma okuhle phambi kofakazi abaningi.
    1 Thimothewu 6:12
  • Hlanganyela nami ukuhlupheka njengebutho elihle likaKristu.
    2 Thimothewu 2:3
  • Akakho osempini olibala izidingo zalokhu kuphila, aze akholeke kulowo abuthwe nguye.
    2 Thimothewu 2:4
  • Nginilobele, bantwanyana, ngokuba niyamazi uYise. Nginilobele, boyise, ngokuba niyamazi yena okhona kwasekuqaleni. Nginilobele, zinsizwa, ngokuba ninamandla, izwi likaNkulunkulu lihlala kini, nimnqobile omubi.
    1 Johane 2:14
  • Bathandekayo, njengokuba ngenza inkuthalo yonke ukunilobela ngensindiso esiyihlanganyele sonke, ngacindezeleka ukunilobela ukuba nginivuselele ukulwela inkolo abayinikelwayo abangcwele kwaba kanye.
    EkaJuda 3