Injabulo


  • Kepha mabajabule bonke abathemba kuwe, bahalalise kuze kube phakade, abathanda igama lakho bethabela kuwe.
    AmaHubo 5:11
  • Uyakungazisa indlela yokuphila; ukugcwala kwenjabulo kusebusweni bakho; intokozo isesandleni sakho sokunene kuze kube phakade.
    AmaHubo 16:11
  • Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje, umusa wakhe uba ngowokuphila konke; kusihlwa kungena ukukhala, ekuseni ukujabula.
    AmaHubo 30:5
  • Abahlwanyela ngezinyembezi bayakuvuna ngokuthokoza.
    AmaHubo 126:5
  • Igama lokukhuphuka. Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe. 2 Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho; uyakuba nenhlanhla nempumelelo.
    AmaHubo 128:1, 2
  • Abahlengiweyo bakaJehova bayakubuya baye eSiyoni ngokwethaba, intokozo engunaphakade ibe phezu kwamakhanda abo; bayakuthola ukujabula nokuthokoza, kubaleke usizi nokububula.
    Isaya 35:10
  • Nginitshelile lokho ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kugcwale.
    Johane 15:11
  • Ngokuba umbuso kaNkulunkulu awusikho ukudla nokuphuza kepha ungukulunga, nokuthula, nokuthokoza eMoyeni oNgcwele,
    AmaRoma 14:17