Amandla


  • Niyakumkhonza uJehova uNkulunkulu wenu, abusise ukudla kwenu namanzi enu; ngiyakususa izifo phakathi kwenu.
    Eksodusi 23:25
  • “Buya, uthi kuHezekiya umholi wabantu bami:‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi:Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; bheka, ngiyakukuphilisa; ngosuku lwesithathu uyakwenyukela endlini kaJehova.
    2 AmaKhosi 20:5
  • UDavide waqhubeka njalo ngokukhula, ngokuba uJehova Sebawoti wayenaye.
    1 IziKronike 11:9
  • Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Jehova, inkosi iyajabula ngamandla akho; iyethaba kangakanani ngensindiso yakho.
    AmaHubo 21:1
  • Yacela ukuphila kuwe, wayinika khona, izinsuku ezinde kuze kube phakade naphakade.
    AmaHubo 21:4
  • Ngokuba uyibeka ukuba ibe yisibusiso kuze kube phakade; uyithokozisa ngenjabulo ebusweni bakho.
    AmaHubo 21:6
  • Uyawagcina onke amathambo akhe; alaphulwa nelilodwa kuwo.
    AmaHubo 34:20
  • Nkulunkulu, ungifundisile kwasebusheni bami; ngizilandile izimangaliso zakho kuze kube manje. Futhi mawungangishiyi, nxa ngimdala, ngiyimpunga, ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane, amandla akho kubo bonke abezayo.
    AmaHubo 71:17, 18
  • Akesabi imibiko emibi; inhliziyo yakhe iqinile, iyethemba uJehova.
    AmaHubo 112:7
  • Lapho amadodana ethu enjengezithombo ezikhulileyo ebusheni bazo, namadodakazi ethu enjengamatshe amagumbi abaziwe ngendlela yokwakhiwa kwezindlu zamakhosi;
    AmaHubo 144:12
  • Khona uyakuhamba indlela yakho ngokulondeka, ungaqhuzuli unyawo lwakho.
    IzAga 3:23
  • Sithandwa, kunakho konke ngikufisela ukuba ube nenhlanhla nokuphila, njengokuba umphefumulo wakho unenhlanhla.
    3 Johane 1:2
  • ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguye ohamba nani, anilwele nezitha zenu ukuba anisindise.’
    Duteronomi 20:4
  • Wayesethi uDavide kuSolomoni indodana yakhe: “Qina, ume isibindi, ukwenze; ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu wami, unawe; akayikukuyeka, akayikukushiya uze uphele wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova.
    1 IziKronike 28:20
  • okunaye yingalo yenyama; okunathi nguJehova uNkulunkulu wethu ukuba asisize, alwe izimpi zethu.” Abantu bencika emazwini kaHezekiya inkosi yakwaJuda.
    2 IziKronike 32:8
  • Ngomlomo wezingane nowabancelayo wagxilisa amandla ngenxa yabamelene nawe ukuba uthulise isitha nophindisayo.
    AmaHubo 8:2
  • Ngokuba ngawe ngingahlasela impi; ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange. Indlela kaNkulunkulu iphelele; izwi likaJehova lihlanzekile; yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye. ... uNkulunkulu ongibhincisa amandla, owenza indlela yami ilunge;
    AmaHubo 18:29, 30, 32
  • Abanye izinqola, abanye amahhashi, kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu.
    AmaHubo 20:7
  • Yeka, uma bengingathembanga ukubona okuhle kukaJehova ezweni labaphilayo! Lindela uJehova, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi; yebo, lindela uJehova.
    AmaHubo 27:13, 14
  • UJehova ungamandla ami nesihlangu sami; inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa; ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba; ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami. UJehova ungamandla abantu bakhe; uyinqaba yensindiso yogcotshiweyo wakhe.
    AmaHubo 28:7, 8
  • Ukusindiswa kwabalungileyo kuvela kuJehova; uyinqaba yabo esikhathini sokuhlupheka.
    AmaHubo 37:39
  • Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela; nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami nesabelo sami kuze kube phakade.
    AmaHubo 73:26
  • Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe, abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo. ... Baqhubeka emandleni, baze babonakale phambi kukaNkulunkulu eSiyoni.
    AmaHubo 84:5, 7
  • UJehova ungamandla ami nesihlabelelo sami, waba yinsindiso yami.
    AmaHubo 118:14
  • Umphefumulo wami uyakhala ngosizi; ngivuse ngokwezwi lakho.
    AmaHubo 119:28
  • Ngokuba ubuyinqaba kwabampofu, inqaba kwabaswelayo ekucindezelweni kwabo, isiphephelo esivunguvungwini, umthunzi ekubaleleni, ngokuba umoya waba nonya, unjengesivunguvungu odongeni,
    Isaya 25:4
  • Nguye omupha oyethileyo amandla, nakongenamandla uyandisa izikhwepha.
    Isaya 40:29
  • ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.
    Isaya 41:10
  • Kepha uJesu ebabheka wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke.”
    Mathewu 19:26
  • Sesiyakuthini ngalokho na? Uma uNkulunkulu emi ngakithi, ngubani ongamelana nathi na?
    AmaRoma 8:31
  • kungesikho ukuthi singaba namandla ngokwethu okucabanga ngotho ukuthi luvela kithi, kodwa amandla ethu avela kuNkulunkulu,
    2 Korinte 3:5
  • ngokuba izikhali zethu zokulwa kasizo ezenyama, kodwa ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, sichitha izizindlo,
    2 Korinte 10:4
  • Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami. Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla.
    2 Korinte 12:9, 10
  • ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuqiniseka emandleni ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi;
    Efesu 3:16
  • Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.
    Efesu 6:10
  • Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.
    Filipi 4:13
  • NingabakaNkulunkulu nina bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.
    1 Johane 4:4
  • Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.”
    Joshuwa 1:9
  • Ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uthi: “Ngokuba nikhuluma leli zwi, bhekani, ngiyakwenza amazwi ami abe ngumlilo emlonyeni wakho, nalaba bantu babe yizinkuni, ubadle.
    Jeremiya 5:14
  • Ngiyakubaqinisa kuJehova, bahambe egameni lakhe,” usho uJehova.
    Zakariya 10:12
  • Ngokuba akuyinina enikhulumayo kodwa uMoya kaYihlo okhuluma kini.
    Mathewu 10:20
  • kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”
    IzEnzo 1:8
  • Kwathi bebona isibindi sikaPetru noJohane, beqonda ukuthi bangabantu abangafundile, bayimifunda nje, bamangala; babazi ukuthi kade benoJesu;
    IzEnzo 4:13
  • Ngokuba izwi lesiphambano kwababhubhayo lingubuwula, kepha kithina esisindiswayo lingamandla kaNkulunkulu.
    1 Korinte 1:18
  • nokukhuluma kwami nokushumayela kwami akubanga ngamazwi okuhlakanipha ahungayo, kepha kwaba ngesibonakaliso sikaMoya nesamandla, ukuze ukukholwa kwenu kungemi ngokuhlakanipha kwabantu, kume ngamandla kaNkulunkulu.
    1 Korinte 2:4, 5