Ukunqoba


  • UMose wathi kubantu: “Ningesabi; qinani, nibone ukusindisa kukaJehova azakunenzela khona namuhla, ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubuye nibabone naphakade.”
    Eksodusi 14:13
  • ElikaDavide. Phikisana, Jehova, nabaphikisana nami, ulwe nabo abalwa nami.
    AmaHubo 35:1
  • Ihubo. Mhubeleni uJehova igama elisha, ngokuba wenze izimangaliso; esokunene sakhe nengalo yakhe engcwele kumtholele ukunqoba.
    AmaHubo 98:1
  • Yishoni kwabanenhliziyo eyesabayo ukuthi: “Qinani, ningesabi; bhekani, uNkulunkulu wenu uyeza ngokuphindisela, impindiselo ivela kuNkulunkulu; nguye oza ukunisindisa.”
    Isaya 35:4
  • INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.
    2 Thimothewu 4:18
  • ukuze sisho ngesibindi, sithi: “INkosi ingumsizi wami, angiyikwesaba; umuntu angangenzani na?”
    KumaHeberu 13:6
  • owenza isono ungokaSathane, ngokuba uSathane uyona kwasekuqaleni. INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu, ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.
    1 Johane 3:8
  • Nabo uqobo lwabo bamnqoba ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, futhi abakuthandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.
    Isambulo 12:11