Iqiniso


  • Ningaqambelani amanga, lokhu nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe,
    Kolose 3:9
  • Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi; nakani okuhle phambi kwabantu bonke;
    AmaRoma 12:17
  • ngokuba sinakekela okuhle, kungesemehlweni eNkosi kuphela kodwa nasemehlweni abantu.
    2 Korinte 8:21
  • Isilinganiso esikhohlisayo siyisinengiso kuJehova, kepha isisindo esiyiso siyintokozo yakhe. ... Ukuphelela kwabaqotho kuyabahola, kepha ukuphambanisa kwabambuluzayo kuyabachitha.
    IzAga 11:1, 3
  • Ngokuphambeka kwezindebe kukhona ugibe lomubi, kepha olungileyo uyaphuma ekuhluphekeni. ... Ophefumula iqiniso ulanda ngokulunga, kepha ufakazi wamanga ngenkohliso.
    IzAga 12:13, 17
  • Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.
    IzAga 28:13
  • Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.
    EkaJakobe 5:16
  • kodwa sizilahlile izinto ezifihliwe zehlazo, asihambi ngobuqili, asiliphambanisi izwi likaNkulunkulu, kepha ngokuveza obala iqiniso sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu.
    2 Korinte 4:2