Isibindi


  • Ngiyakukhuluma ngobufakazi bakho phambi kwamakhosi, ngingajabhi.
    AmaHubo 119:46
  • Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kepha owethemba uJehova uyalondeka.
    IzAga 29:25
  • Khuphukela entabeni ende, wena, Siyoni, obika okujabulisayo, uphakamise ngamandla izwi lakho, wena Jerusalema obika okujabulisayo, uliphakamise ungesabi, usho emizini yakwaJuda ukuthi: “Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.”
    Isaya 40:9
  • INkosi uJehova inginikile ulimi lwabafundi ukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo; ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihla ukuba ngizwe njengabafundi.
    Isaya 50:4
  • Kepha uJehova wathi kimi: “Ungasho ukuthi ungumntwana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, nakho konke engikuyala ngakho uyakukukhuluma.
    Jeremiya 1:7
  • Ngenze ibunzi lakho njengedayimani, elilukhuni kunensengetsha; ungabesabi, ungapheli amandla ngobuso babo, noma beyindlu ehlubukayo.”
    Hezekeli 3:9
  • “Nina ningukukhanya kwezwe. Umuzi owakhe entabeni ungesitheke. Nomuntu kasokheli isibani, asibeke phansi kwesitsha, kodwa usifaka othini; khona siyabakhanyisela bonke abasendlini.
    Mathewu 5:14, 15
  • Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.
    Mathewu 5:16
  • Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami kulesi sizukulwane esiphingayo nesonakeleyo, neNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni ngaye, lapho iza ngenkazimulo kaYise kanye nezingelosi ezingcwele.”
    Marku 8:38
  • kodwa nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”
    IzEnzo 1:8
  • Kwathi bebona isibindi sikaPetru noJohane, beqonda ukuthi bangabantu abangafundile, bayimifunda nje, bamangala; babazi ukuthi kade benoJesu;
    IzEnzo 4:13
  • Kepha uPetru nabaphostoli baphendula bathi: “Simelwe ukulalela uNkulunkulu kunabantu.
    IzEnzo 5:29
  • Ngokuba anginamahloni ngevangeli; ngokuba lingamandla kaNkulunkulu, kube yinsindiso kulowo nalowo okholwayo, kumJuda kuqala, nakumGreki.
    AmaRoma 1:16
  • ninginxusele nami ukuba ngiphiwe izwi, nxa ngivula umlomo wami, ngize ngiyishumayele ngesibindi imfihlakalo yevangeli; engiyisithunywa ngalo esiboshiwe ngamaketanga, ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume.
    Efesu 6:19, 20
  • kepha njengokuba sivunyiwe nguNkulunkulu ukuba siphathiswe ivangeli, siyakhuluma ngokunjalo, singenzeli ukuthokozisa abantu kepha uNkulunkulu ovivinya izinhliziyo zethu.
    2 Thesalonika 2:4
  • Ngalokho ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu nangami, isiboshwa sayo, kodwa hlanganyela ukuhluphekela ivangeli ngamandla kaNkulunkulu
    2 Thimothewu 1:8
  • Khuluma lokho, uyale, ukhuze ngamandla onke. Ungadelelwa muntu.
    KuThithu 2:15
  • nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, ngokubona imisebenzi yenu emihle badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.
    1 Petru 2:12