Ubuhlakani
- Jehova, ngihole ngokulunga kwakho ngenxa yezitha zami, ulungise indlela yakho phambi kobuso bami.
 AmaHubo 5:8
- 
Ngazise imendo yakho, Jehova; ngifundise izindlela zakho. Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise, ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami; ngilindela wena usuku lonke.
 AmaHubo 25:4, 5
- 
Abathobekileyo ubaholela kokulungileyo, abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe.
 AmaHubo 25:9
- 
Ngifundise indlela yakho, Jehova, ungihole endleleni ekhanyayo ngenxa ye
 AmaHubo 27:11
- 
Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo; ngizakukululeka ngeso lami.
 AmaHubo 32:8
- 
Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova; uyayithanda indlela yakhe.
 AmaHubo 37:23
- 
Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni.
 AmaHubo 73:24
- 
Vula amehlo ami ukuba ngibone izimangaliso zasemthethweni wakho.
 AmaHubo 119:18
- 
Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.
 AmaHubo 119:105
- 
Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.
 AmaHubo 119:130
- 
Ngizwise umusa wakho ekuseni, ngokuba ngiyethemba kuwe; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo, ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.
 AmaHubo 143:8
- 
Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.
 IzAga 3:5, 6
- 
Mayikuhole ekuhambeni kwakho, ikulondoloze ekulaleni kwakho, ikhulume kuwe ekuvukeni kwakho.
 IzAga 6:22
- 
nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo,” noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.
 Isaya 30:21
- 
Ngiyakuhambisa izimpumputhe ngendlela ezingayaziyo; emikhondweni ezingayaziyo ngiyakuzihola; ngiyakwenza ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo, namagebhugebhu ukuba ahlelenjwe; ngiyakwenza lezi zinto ngingazishiyi.
 Isaya 42:16
- 
INkosi uJehova inginikile ulimi lwabafundi ukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo; ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihla ukuba ngizwe njengabafundi.
 Isaya 50:4
- 
UJehova uyakukuhola njalo, asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho; uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo angaphuthi.
 Isaya 58:11
- 
Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.
 Jeremiya 10:23
- 
Bayakufika bekhala, ngibahambise bekhuleka, ngibayise emifuleni yamanzi ngendlela eqondileyo abangayikukhubeka kuyo, ngokuba nginguyise ka-Israyeli, no-Efrayimi uyizibulo lami.
 Jeremiya 31:9
- 
ngokuba sihamba ngokukholwa, asihambi ngokubona;
 2 Korinte 5:7
- 
Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo;
 KumaHeberu 4:12
- 
“Bhekani enikwenzayo, ngokuba anahluleleli umuntu kepha uNkulunkulu, onani ekwahluleleni.
 2 IziKronike 19:6
- 
yebo, uma ukhala ngengqondo, uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda, ... khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu. Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.
 IzAga 2:3, 5, 6
- 
Umuntu unamasu enhliziyweni, kepha impendulo yolimi ivela kuJehova.
 IzAga 16:1
- 
Abantu ababi abaqondi ukwahlulela, kepha abafuna uJehova baqonda konke.
 IzAga 28:5
- 
UMoya kaJehova uyakuhlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uJehova. Intokozo yakhe iyakuba sekumesabeni uJehova; akayikwahlulela ngokubona kwamehlo akhe, anganqumi ngokuzwa kwezindlebe zakhe.
 Isaya 11:2, 3
- 
Laba bafana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda encwadini nasekuhlakanipheni; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.
 Daniyeli 1:17
- 
Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.
 EkaJakobe 1:5
- 
Ngizwise umusa wakho ekuseni, ngokuba ngiyethemba kuwe; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo, ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.
 AmaHubo 143:8
- 
Ngifundise ukwenza intando yakho, ngokuba wena unguNkulunkulu wami; umoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini olelezekileyo. 11 Jehova, ngiphilise ngenxa yegama lakho, ngokulunga kwakho uwukhiphe umphefumulo wami ekuhluphekeni.
 AmaHubo 143:10, 11
- 
ukuze ohlakaniphileyo ezwe, aqhubeke ekufundeni, noqondileyo athole iziluleko ezinhle
 IzAga 1:5
- 
Indlela yesiwula ilungile emehlweni aso, kepha ohlakaniphileyo ulalela iziluleko.
 IzAga 12:15
- 
Lapho kungekho khona ukululekana, amasu ayachitheka, kepha ngobuningi babeluleki ayakuma.
 IzAga 15:22
- 
Yizwa isiluleko, wamukele ukulaywa, ukuze uhlakaniphe ekugcineni.
 IzAga 19:20
- 
Amacebo onke ayaqiniswa ngokululekana; yilwa impi ngamasu.
 IzAga 20:18
- 
Ngokuba ngokucabanga ungaphaka impi yakho, nokusinda kumi ngobuningi babeluleki.
 IzAga 24:6
- 
Ningahluleli ngokwamehlo, kepha yahlulelani ukwahlulela okulungileyo.”
 Johane 7:24
- 
Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.
 EkaJakobe 3:17
- 
Lokhu kungokwesithathu ngiza kini. “Ngemilomo yawofakazi ababili nabathathu izindaba zonke ziyakuqiniswa.”
 2 Korinte 13:1