Ubuhlakani


  • Jehova, ngihole ngokulunga kwakho ngenxa yezitha zami, ulungise indlela yakho phambi kobuso bami.
    AmaHubo 5:8
  • Ngazise imendo yakho, Jehova; ngifundise izindlela zakho. Ngihambise eqinisweni lakho, ungifundise, ngokuba wena unguNkulunkulu wensindiso yami; ngilindela wena usuku lonke.
    AmaHubo 25:4, 5
  • Abathobekileyo ubaholela kokulungileyo, abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe.
    AmaHubo 25:9
  • Ngifundise indlela yakho, Jehova, ungihole endleleni ekhanyayo ngenxa ye
    AmaHubo 27:11
  • Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo; ngizakukululeka ngeso lami.
    AmaHubo 32:8
  • Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova; uyayithanda indlela yakhe.
    AmaHubo 37:23
  • Uyakungihola ngesiluleko sakho, andukuba ungamukele enkazimulweni.
    AmaHubo 73:24
  • Vula amehlo ami ukuba ngibone izimangaliso zasemthethweni wakho.
    AmaHubo 119:18
  • Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.
    AmaHubo 119:105
  • Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.
    AmaHubo 119:130
  • Ngizwise umusa wakho ekuseni, ngokuba ngiyethemba kuwe; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo, ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.
    AmaHubo 143:8
  • Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mazise yena ezindleleni zakho zonke, uyakuqondisa imikhondo yakho.
    IzAga 3:5, 6
  • Mayikuhole ekuhambeni kwakho, ikulondoloze ekulaleni kwakho, ikhulume kuwe ekuvukeni kwakho.
    IzAga 6:22
  • nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo,” noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.
    Isaya 30:21
  • Ngiyakuhambisa izimpumputhe ngendlela ezingayaziyo; emikhondweni ezingayaziyo ngiyakuzihola; ngiyakwenza ubumnyama bube ngukukhanya phambi kwazo, namagebhugebhu ukuba ahlelenjwe; ngiyakwenza lezi zinto ngingazishiyi.
    Isaya 42:16
  • INkosi uJehova inginikile ulimi lwabafundi ukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo; ivusa njalo indlebe yami ekuseni imihla ngemihla ukuba ngizwe njengabafundi.
    Isaya 50:4
  • UJehova uyakukuhola njalo, asuthise umphefumulo wakho ezindaweni ezomileyo, aqinise amathambo akho; uyakuba njengensimu eniselweyo nanjengomthombo wamanzi, omanzi awo angaphuthi.
    Isaya 58:11
  • Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.
    Jeremiya 10:23
  • Bayakufika bekhala, ngibahambise bekhuleka, ngibayise emifuleni yamanzi ngendlela eqondileyo abangayikukhubeka kuyo, ngokuba nginguyise ka-Israyeli, no-Efrayimi uyizibulo lami.
    Jeremiya 31:9
  • ngokuba sihamba ngokukholwa, asihambi ngokubona;
    2 Korinte 5:7
  • Ngokuba izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kwahlukaniswe umphefumulo nomoya, amalungu nomnkantsha, lahlulela imicabango nezizindlo zenhliziyo;
    KumaHeberu 4:12
  • “Bhekani enikwenzayo, ngokuba anahluleleli umuntu kepha uNkulunkulu, onani ekwahluleleni.
    2 IziKronike 19:6
  • yebo, uma ukhala ngengqondo, uzwakalisa izwi lakho ngokuqonda, ... khona uyakuqonda ukumesaba uJehova, ufumane ukumazi uNkulunkulu. Ngokuba uJehova uyanika ukuhlakanipha; emlonyeni wakhe kuphuma ukwazi nokuqonda.
    IzAga 2:3, 5, 6
  • Umuntu unamasu enhliziyweni, kepha impendulo yolimi ivela kuJehova.
    IzAga 16:1
  • Abantu ababi abaqondi ukwahlulela, kepha abafuna uJehova baqonda konke.
    IzAga 28:5
  • UMoya kaJehova uyakuhlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uJehova. Intokozo yakhe iyakuba sekumesabeni uJehova; akayikwahlulela ngokubona kwamehlo akhe, anganqumi ngokuzwa kwezindlebe zakhe.
    Isaya 11:2, 3
  • Laba bafana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda encwadini nasekuhlakanipheni; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.
    Daniyeli 1:17
  • Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa.
    EkaJakobe 1:5
  • Ngizwise umusa wakho ekuseni, ngokuba ngiyethemba kuwe; ngazise indlela engifanele ukuhamba ngayo, ngokuba ngiphakamisela kuwe umphefumulo wami.
    AmaHubo 143:8
  • Ngifundise ukwenza intando yakho, ngokuba wena unguNkulunkulu wami; umoya wakho omuhle mawungihole emhlabathini olelezekileyo. 11 Jehova, ngiphilise ngenxa yegama lakho, ngokulunga kwakho uwukhiphe umphefumulo wami ekuhluphekeni.
    AmaHubo 143:10, 11
  • ukuze ohlakaniphileyo ezwe, aqhubeke ekufundeni, noqondileyo athole iziluleko ezinhle
    IzAga 1:5
  • Indlela yesiwula ilungile emehlweni aso, kepha ohlakaniphileyo ulalela iziluleko.
    IzAga 12:15
  • Lapho kungekho khona ukululekana, amasu ayachitheka, kepha ngobuningi babeluleki ayakuma.
    IzAga 15:22
  • Yizwa isiluleko, wamukele ukulaywa, ukuze uhlakaniphe ekugcineni.
    IzAga 19:20
  • Amacebo onke ayaqiniswa ngokululekana; yilwa impi ngamasu.
    IzAga 20:18
  • Ngokuba ngokucabanga ungaphaka impi yakho, nokusinda kumi ngobuningi babeluleki.
    IzAga 24:6
  • Ningahluleli ngokwamehlo, kepha yahlulelani ukwahlulela okulungileyo.”
    Johane 7:24
  • Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe, andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle; akunakungabaza, akunakuzenzisa.
    EkaJakobe 3:17
  • Lokhu kungokwesithathu ngiza kini. “Ngemilomo yawofakazi ababili nabathathu izindaba zonke ziyakuqiniswa.”
    2 Korinte 13:1