Ukuziphakamisa


  • Ningabe nisakhuluma ngokuzidla kangaka, kungaphumi ukuqhosha emlonyeni wenu, ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwazi; izenzo zilinganiswa nguye.
    1 Samuweli 2:3
  • Lapho kufika ukuziqhenya, kufika nehlazo; kepha kwabathobekileyo kukhona ukuhlakanipha.
    IzAga 11:2
  • Ngokuziqhenya kuvela ukuxabana kuphela, kepha kwabalulekwayo kukhona ukuhlakanipha.
    IzAga 13:10
  • Indlu yabaziqhenyayo uJehova uyayisiphula, kepha uyamisa umkhawulo womfelokazi.
    IzAga 15:25
  • Umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehova uyingcebo, nodumo, nokuphila.
    IzAga 22:4
  • Ukuzidla komuntu kuyamthobisa, kepha onomoya othobekileyo uyazuza udumo.
    IzAga 29:23
  • Ngakho-ke osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi.
    1 Korinte 10:12
  • Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.
    EkaJakobe 4:10
  • Ngokuba oziphakamisayo uzakuthotshiswa; nozithobayo uzakuphakanyiswa.”
    Luka 14:11
  • Kepha izithelo zikaMoya ziluthando, nokujabula, nokuthula, nokubekezela, nobubele, nobuvi, nokukholeka, nobumnene, nokuzithiba. Akukho mthetho omelana nokunjalo.
    Galathiya 5:22, 23
  • ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani, yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye. Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKristu Jesu
    Filipi 2:3-5
  • Bonke abazidlayo ngenhliziyo bayisinengiso kuJehova; impela abayikuyekwa.
    IzAga 16:5
  • Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa.
    IzAga 16:18
  • Kukhona indlela eqondile phambi komuntu, kepha ukuphela kwayo kuyizindlela zokufa.
    IzAga 16:25
  • Ngaphambi kokubhujiswa inhliziyo yomuntu iyaziqhenya; ukuthobeka kwandulela udumo.
    IzAga 18:12
  • Kodwa unika umusa ngokwenezela; ngakho uthi: “UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.”
    EkaJakobe 4:6
  • Abathobekileyo ubaholela kokulungileyo, abathobekileyo ubafundisa indlela yakhe.
    AmaHubo 25:9
  • Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa. Ngalokho zithobeni phansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifaneleyo, niphonse izinkathazo zenu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyanikhathalela.
    1 Petru 5:5-7
  • Yayisiphendula inkosi yakwa-Israyeli, ithi: “Khulumani kuye, nithi:‘Obhinca izikhali makangazigabisi njengokhumulayo.’ ”
    1 AmaKhosi 20:11
  • Zonke lezi zinto zenziwe yisandla sami, kwavela kanjalo konke lokhu,” usho uJehova. “Kepha yilowo engiyakubheka kuye:ohluphekayo nonomoya ochobozekileyo, othuthumela ngezwi lami.
    Isaya 66:2