Ukuhlukana


  • neMispa futhi, ngokuba wathi: “UJehova makalinde phakathi kwami nawe, lapho sesingasabonani.
    Genesise 31:49
  • Ngamkhulekela lo mntwana; uJehova unginikile lokho engakucela kuye; ngalokho nami ngimnikele kuJehova; zonke izinsuku zokuphila kwakhe unikelwe kuJehova.” Bakhuleka kuJehova khona.
    1 Samuweli 1:27, 28
  • Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.
    AmaHubo 23:4
  • Ngokuba ubaba nomame bangishiyile, kodwa uJehova uzakungamukela.
    AmaHubo 27:10
  • UJehova useduze nabo abanenhliziyo eyaphukileyo; uyabasindisa abanomoya odabukileyo.
    AmaHubo 34:18
  • Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo; izilonda zabo uyazibopha.
    AmaHubo 147:3
  • Amanzi amaningi awanakulucima uthando, nemifula ayinakuluminzisa; uma umuntu ebeyakunika yonke impahla yendlu yakhe ngothando, nokho ubeyakwaliwa nokwaliwa.
    IsiHlabelelo SeziHlabelelo 8:7
  • Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini.
    Johane 14:18
  • Ngokuba ngithi izinhlupheko zesikhathi samanje azinakulinganiswa nenkazimulo eyakwambulwa kithina.
    AmaRoma 8:18
  • osiduduza osizini lwethu lonke, ukuze nathi sibe namandla okududuza abasosizini, nolunjani, ngenduduzo esiduduzwa ngayo nathi nguNkulunkulu.
    2 Korinte 1:4
  • Kanti-ke lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu. Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu,
    Filipi 3:7, 8
  • Kepha asithandi, bazalwane, ukuba ningabi nakwazi ngabalalayo, ukuze ningadabuki njengabanye abangenalo ithemba.
    2 Thesalonika 4:13
  • ukuze ukuvivinywa kokukholwa kwenu okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo kufunyanwe kube ngukubongwa, nodumo, nokutuseka ekwambulweni kukaJesu Kristu;
    1 Petru 1:7
  • Ngokuba nidinga ukubekezela, ukuze seniyenzile intando kaNkulunkulu namukele isithembiso.
    KumaHeberu 10:36