Ukumelana noSathane


  • Bayakulesaba igama likaJehova entshonalanga, nenkazimulo yakhe empumalanga, ngokuba uyakufika njengomfula okhahlamezayo, oqhutshwa ngumoya kaJehova.
    Isaya 59:19
  • Wayesebabiza abafundi bakhe abayishumi nambili, wabanika amandla phezu kwawomoya abangcolileyo ukuba babakhiphe, nawokuphulukisa izifo zonke nokugula konke.
    Mathewu 10:1
  • Ngiyakukunika izihluthulelo zombuso wezulu. Oyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe nasezulwini, nalokho oyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe nasezulwini.”
    Mathewu 16:19
  • Kepha waphenduka, wabheka abafundi bakhe, wamkhuza uPetru, wathi: “Buyela emva kwami, Sathane, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.”
    Marku 8:33
  • Wayesebabizela ndawonye abayishumi nambili, wabanika amandla negunya phezu kwamademoni onke nokuphulukisa izifo.
    Luka 9:1
  • Babuya-ke abangamashumi ayisikhombisa ngokujabula, bathi: “Nkosi, namademoni ayasithobela ngegama lakho.”
    Luka 10:17
  • Bhekani, ngininikile igunya lokunyathela izinyoka nawofezela naphezu kwamandla onke esitha; anisoze noniwa lutho.
    Luka 10:19
  • ngokuba izikhali zethu zokulwa kasizo ezenyama, kodwa ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, sichitha izizindlo, nakho konke okudephileyo okuziphakamisela ukuthiyana nokumazi uNkulunkulu, namacebo onke siwathumbela ukumlalela uKristu;
    2 Korinte 10:4, 5
  • Ningamniki uSathane indawo.
    Efesu 4:27
  • Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu. Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane;
    Efesu 6:10, 11
  • NingabakaNkulunkulu nina bantwanyana, nibahlulile, ngokuba lowo okini mkhulu kunaye osezweni.
    1 Johane 4:4
  • Qondani, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo sifuna esingamgwinya; melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezo zinhlupheko zehlela abazalwane benu abasezweni.
    1 Petru 5:8, 9
  • owenza isono ungokaSathane, ngokuba uSathane uyona kwasekuqaleni. INdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa ngalokhu, ukuze ichithe imisebenzi kaSathane.
    1 Johane 3:8