Ukufuna Umhlaba


  • Suka udabule izwe, ubude balo nobubanzi balo, ngokuba ngiyakukunika lona.”
    Genesise 13:17
  • “ ‘Akuyikuthengiswa ngezwe kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami, nina-ke ningabafokazi nabagogobeleyo kimi.
    Levitikusi 25:23
  • Yonke indawo lapho amathe onyawo lwakho eyakunyathela khona iyakuba ngeyenu, kusukela ehlane naseLebanoni naseMfuleni, umfula u-Ewufrathe, kuze kube selwandle olungasemuva, lube ngumkhawulo wenu.
    Duteronomi 11:24
  • Wangiphumisela endaweni ebanzi:wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.
    2 Samuweli 22:20
  • Cela kimi, ngikunike abezizwe babe yifa lakho, nemikhawulo yomhlaba ibe yimfuyo yakho.
    AmaHubo 2:8
  • Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo; wabakhulula ezinsizini zabo. Wabahola ngendlela elungileyo ukuba baye emzini wokuhlala.
    AmaHubo 107:6, 7
  • nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo,” noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.
    Isaya 30:21
  • “Celani, khona nizakuphiwa; funani, khona nizakufumana; ngqongqothani, khona nizakuvulelwa.
    Mathewu 7:7
  • Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa lakhe; waphuma engazi lapho eya khona.
    KumaHeberu 11:8
  • Bheka, nginawe; ngiyakukulondoloza nakuphi lapho uya khona, ngikubuyisele kuleli zwe, ngokuba angiyikukushiya, ngingakakwenzi lokho engikushilo kuwe.”
    Genesise 28:15
  • “Bheka, ngiyathuma ingelosi phambi kwakho ukuba ikulondoloze endleleni, ikuyise endaweni engiyilungisileyo.
    Eksodusi 23:20
  • Kalokhu hamba-ke, uhole abantu, uye kuleyo ndawo engakhuluma ngayo kuwe; bheka, ingelosi yami iyakuhamba phambi kwakho; kepha mhla ngibahambela ngiyakuhambela isono sabo kubo.”
    Eksodusi 32:34
  • Wayesethi: “Ngiyakuhamba mina uqobo, ngikuphumuze, na?”
    Eksodusi 33:14
  • “Uyakubusiswa ekungeneni kwakho, ubusiswe nasekuphumeni kwakho.
    Duteronomi 28:6
  • Bazulazula ezizweni ngezizwe, besuka kulo mbuso, beya kwabanye abantu. Akavumelanga muntu ukubahlupha, wajezisa amakhosi ngenxa yabo, ethi: “Ningathinti abagcotshiweyo bami, ningoni abaprofethi bami.”
    AmaHubo 105:13-15
  • Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo, wabakhulula ezinsizini zabo. Wathulisa isiphepho, kwaze kwaba ngukuthula, kwathula namadlambi olwandle. Base bethokoza, ngokuba kwaba ngukuthula; wabaholela ethekwini lokufisa kwabo.
    AmaHubo 107:28-30
  • UJehova uyakulondoloza ukuphuma kwakho nokungena kwakho kusukela kulesi sikhathi kuze kube phakade.
    AmaHubo 121:8
  • Uma ngithabatha amaphiko okusa, ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle, nalapho isandla sakho siyakungihola, esokunene sakho singibambe.
    AmaHubo 139:9, 10
  • Mina ngiyakuhamba phambi kwakho, ngihlelembe amagebhugebhu, ngaphule izivalo zethusi, nginqume imigoqo yensimbi. Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama, nemfuyo ethukusiweyo ezindaweni ezisithekileyo, ukuba wazi ukuthi nginguJehova okubiza ngegama lakho, uNkulunkulu ka-Israyeli.
    Isaya 45:2, 3
  • “Thana ngabo:‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi:Noma ngibadedisele kude phakathi kwezizwe, ngabahlakazela emazweni, ngaba yindlu engcwele nokho kubo isikhashana emazweni ababehlakazelwe kuwo.’
    Hezekeli 11:16