Umshado sex


  • UJehova uNkulunkulu wamehlisela umuntu ubuthongo obunzima, walala; wayesethatha olunye lwezimbambo zakhe, wavala indawo ngenyama. UJehova uNkulunkulu wakha owesifazane ngobambo abeluthathile kumuntu, wamyisa kumuntu. Wayesethi umuntu: “Lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami; uyakubizwa ngokuthi indodakazi, ngokuba uthathwe endodeni.” Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba nyamanye.
    Genesise 2:21-24
  • U-Adamu wamazi umkakhe u-Eva; wakhulelwa, wazala uKayini; wathi: “Ngitholile indoda kuJehova.” ...U-Adamu wabuye wamazi umkakhe; wazala indodana, wamqamba igama lokuthi uSeti, ethi: “UNkulunkulu ungibekele enye inzalo esikhundleni sika-Abela, njengokuba uKayini umbulele.”
    Genesise 4:1, 25
  • Kepha uJehova wamshaya uFaro nendlu yakhe ngezinhlupho ezinkulu ngenxa kaSarayi umka-Abrama. UFaro wayesembiza u-Abrama, wathi: “Kuyini lokho okwenze kimi na? Awungitshelanga ngani ukuthi ungumkakho na?
    Genesise 12:17-18
  • USarayi umka-Abrama wayengamzaleli mntwana; kepha wayenencekukazi yaseGibithe, igama layo linguHagari. USarayi wathi ku-Abrama: “Bheka-ke, uJehova ungivalile ekuzaleni; mawungene kuyo incekukazi yami; mhlawumbe ngizakwakhelwa ngayo.” U-Abrama walalela izwi likaSarayi. USarayi, umka-Abrama, wathatha uHagari waseGibithe, incekukazi yakhe, wamnika u-Abrama indoda yakhe abe ngumkakhe, u-Abrama esehlalile iminyaka eyishumi ezweni laseKhanani.
    Genesise 16:1-3
  • Wayesethi: “Impela ngiyakubuyela kuwe emva komnyaka ngalesi sikhathi; bheka, khona umkakho uSara uyakuba nendodana.” USara wakuzwa lokhu esemnyango wetende ongasemva kwakhe. Kepha o-Abrahama noSara base begugile, beneminyaka eminingi; kwase kuphelile kuSara okwabesifazane. USara wahleka phakathi kwakhe, wathi: “Lapho sengimdala, nenkosi yami igugile, ngiyakuba nalenjabulo na?”
    Genesise 18:10-12
  • U-Onani wayekwazi ukuthi inzalo ayiyikuba ngeyakhe; kwathi nxa engena kumkamfowabo, wachitha emhlabathini ukuba angamniki umfowabo inzalo. Kwaba kubi emehlweni kaJehova lokho akwenzileyo; wambulala naye futhi.
    Genesise 38:9-10
  • “Ungaphingi.
    Eksodusi 20:14
  • “Ungafisi indlu yomakhelwane wakho; ungafisi umfazi womakhelwane wakho, nenceku yakhe, nencekukazi yakhe, nenkabi yakhe, nembongolo yakhe, nokunye okomakhelwane wakho.”
    Eksodusi 20:17
  • “ ‘Ubunqunu bomkayihlo ungabambuli; kungubunqunu bukayihlo. ...“ ‘Ungalali nomkamakhelwane ukuzingcolisa ngaye.
    Levitikusi 18:8, 20
  • “ ‘Umuntu ophinga nomfazi womunye umuntu nophinga nomkamakhelwane wakhe, isiphingi nesiphingikazi ziyakubulawa nokubulawa. ...“ ‘Uma indoda ilala nowesilisa njenganowesifazane, bobabili benzile isinengiso; bobulawa nokubulawa, igazi labo libe phezu kwabo.
    Levitikusi 20:10, 13
  • “ ‘Angathathi owesifazane oyisifebe nowonakeleyo, angathathi owesifazane olahliwe yindoda yakhe, ngokuba ungcwele kuNkulunkulu wakhe.
    Levitikusi 21:7
  • “ ‘Wothatha umfazi oseyintombi. Umfelokazi noma umfazi olahliweyo noma owesifazane owonakelyo, isifebe, laba akayikubathatha, kepha uyakuthatha intombi yabantu bakubo ibe ngumkakhe.
    Levitikusi 21:13-14
  • “ ‘Lowo ungumthetho wesikhwele, lapho umfazi esephansi kwendoda yakhe eduka, angcoliswe, noma lapho indoda ifikelwa ngumoya wesikhwele, ibe nesikhwele ngomkayo; khona iyakumbeka owesifazane phambi kukaJehova, umpristi agcine wonke lo mthetho kuye.
    Numeri 5:29-30
  • “Uma umuntu ethatha umfazi, angene kuye, amale, amkhese ngezinto eziyihlazo, amenzele igama elibi, athi: ‘Ngamthatha lo wesifazane; kwathi sengisondele kuye, angifumanisanga iziqiniseko zobuntombi kuye,’ uyise nonina bentombi bayakuthatha iziqiniseko zobuntombi bentombi, baziyise kumalunga omuzi esangweni, uyise wentombi athi kumalunga: ‘Ngamnika lowo muntu indodakazi yami ibe ngumkakhe, useyayala; bhekani, umkhesile ngezinto eziyihlazo ngokuthi: “Angifumanisanga iziqiniseko zobuntombi endodakazini yakho,” nokho nazi iziqiniseko zobuntombi bendodakazi yami.’ Bayakuyeneka ingubo phambi kwamalunga omuzi.
    Duteronomi 22:13-17
  • “Lapho umuntu ethatha umfazi, aganwe nguye, engasathandeki emehlweni akhe kodwa, lokhu efumanisile kuye okuthile okwenyanyekayo, uyakumlobela incwadi yesahlukaniso, amnike yona esandleni sakhe, amkhiphe endlini yakhe.
    Duteronomi 24:1
  • UDavide wamduduza uBati Sheba umkakhe, wangena kuye, walala naye; wazala indodana, waqamba igama layo ngokuthi uSolomoni. UJehova wamthanda.
    2 Samuweli 12:24
  • Kepha u-Abiya waba namandla, wazithathela abafazi abayishumi nane, wazala amadodana angamashumi amabili nambili namadodakazi ayishumi nesithupha.
    2 IziKronike 13:21
  • Umkakho uyakuba njengomnqumo othelayo phakathi kwendlu yakho, abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo, bezungeza itafula lakho.
    AmaHubo 128:3
  • Mawubusiswe umthombo wakho, uthokoze ngomfazi wobusha bakho. Uyindluzelekazi ethandayo negogokazi elihle; amabele akhe mawakudelise ngesikhathi sonke, weqiwe njalo luthando lwakhe.
    IzAga 5:18-19
  • Unjalo yena ongena kumkamakhelwane: akuyikuthiwa ongenacala noma yimuphi omthintileyo.
    IzAga 6:29
  • Ophinga nowesifazane akanakho ukuqonda; wenza lokho okuchitha umphefumulo wakhe.
    IzAga 6:32
  • Ofumana umfazi uthola okuhle; uzuzile isisa kuJehova.
    IzAga 18:22
  • Indlu nemfuyo kuyifa elivela koyise, kepha umfazi ohlakaniphileyo uvela kuJehova.
    IzAga 19:14
  • Kungcono ukuhlala egumbini lophahla kunokuhlala nowesifazane oxabanayo endlini ehlanganyelweyo.
    IzAga 21:9
  • Thokoza ngokuphila nomkakho omthandayo zonke izinsuku zokuphila kwakho okuyize, oziphiwayo phansi kwelanga zonke izinsuku zakho eziyize, ngokuba lokhu kuyisabelo sakho kulokho kuphila ngomshikashika wakho owushikashikayo phansi kwelanga.
    UmShumayeli 9:9
  • Makangange ngokwanga komlomo wakhe! Ngokuba uthando lwakho lumnandi kunewayini.
    IsiHlabelelo SeziHlabelelo 1:2
  • Isandla sakhe sokhohlo siphansi kwekhanda lami, nesokunene siyangigona.
    IsiHlabelelo SeziHlabelelo 2:6
  • Amabele akho amabili anjengezixhumu ezimbili ezingamawele ensephe, ezidla phakathi kweminduze. ...Ungaphucile inhliziyo yami, dadewethu, makoti wami; ungaphucile inhliziyo yami ngelinye lamehlo akho, ngomgexo munye wentamo yakho. Lumnandi kangakanani uthando lwakho, dadewethu, makoti wami! Luhle kangakanani uthando lwakho, kunewayini, nephunga lamafutha akho kunamakha onke!
    IsiHlabelelo SeziHlabelelo 4:5, 9, 10
  • “Jabula wena nyumba, wena ongazalanga, uqhumuke ngokuhlabelela, umemeze wena ongabanga namihelo, ngokuba abantwana boyisikhwebu baningi kunabantwana bonendoda,” usho uJehova.
    Isaya 54:1
  • “Buyani, bantwana abahlehlayo,” usho uJehova, “ngokuba ngingumyeni wenu, nginithabathe, abe munye emzini, babe babili emndenini, nginiyise eSiyoni,
    Jeremiya 3:14
  • Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba uthululile amahloni akho, nobunqunu bakho bambulwa ngobufebe bakho nezithandwa zakho, nangenxa yazo zonke izithombe zezinengiso zakho, nangegazi labantwana bakho owabanika lona, ngalokho bheka, ngiyakubutha zonke izithandwa zakho ozenamisile nazo, nazo zonke ozithandileyo, nazo zonke ozizondileyo, ngizibuthe ngakuwe zivela nxazonke, ngizambulele ubunqunu bakho ukuba zibone bonke ubunqunu bakho.
    Hezekeli 16:36-37
  • Lapho uJehova eqala ukukhuluma ngoHoseya, uJehova wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bophingayo, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uJehova.”
    Hoseya 1:2
  • “Phikisanani nonyoko, niphikisane, ngokuba akasiye umkami, nami angisiyo indoda yakhe; makasuse ubufebe bakhe ebusweni bakhe, nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,
    Hoseya 2:2
  • “Kwathiwa: ‘Yilowo nalowo olahla umkakhe kamnike incwadi yesahlukaniso.’ Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga umenza aphinge, noganwa ngolahliweyo uyaphinga.
    Mathewu 5:31-32
  • wathi: ‘Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye,’ na? Ngakho abasebabili, kodwa banyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, umuntu makangakwahlukanisi.”
    Mathewu 19:5-6
  • Nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwamukeliswa okuphindwe kaningi, adle ifa lokuphila okuphakade.
    Mathewu 19:29
  • bathi: “Mfundisi, uMose wathi: ‘Uma umuntu efa engenabantwana, umfowabo kamngene umkakhe, amvusele umfowabo inzalo.’ ...Ngokuba ekuvukeni kwabafileyo abaganwa, abendiswa, kodwa banjengezingelosi ezulwini.
    Mathewu 22:24, 30
  • Bathi: “UMose wavuma ukuba kulotshwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe.” UJesu wayesethi kubo: “Ngenxa yobulukhuni benhliziyo yenu wanilobela lowo myalo. Kepha kusukela ekuqaleni kokudalwa uNkulunkulu wabenza owesilisa nowesifazane. Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye; ngakho abasebabili, kepha sebenyamanye. Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu makungahlukaniswa ngumuntu.”
    Marku 10:4-9
  • Naye, uma elahla indoda yakhe, agane enye, uyaphinga.”
    Marku 10:12
  • Kwakukhona nomprofethikazi, u-Ana, indodakazi kaFanuweli, owesizwe sika-Aseri; wayesekhulile kakhulu, ebehlalile nendoda iminyaka eyisikhombisa emva kobuntombi bakhe,
    Luka 2:36
  • “Nxa umenyiwe ngumuntu ukuya emshadweni, ungahlali esihlalweni esiphambili, funa ngabe ukhona omkhulu kunawe omenyiwe nguye,
    Luka 14:8
  • Babedla, bephuza, beganwa, bendiswa, kwaze kwafika usuku uNowa angena ngalo emkhunjini, kwafika uzamcolo, wababhubhisa bonke.
    Luka 17:27
  • UJesu wayeselulama; engaboni muntu ngaphandle kowesifazane wathi kuye: “Sifazane, baphi labo bamangaleli bakho na? Akakho okulahlayo na?” Wayesethi: “Akakho, Nkosi.” Wathi-ke uJesu kuye: “Nami angikulahli; hamba, ungabe usona.”
    Johane 8:10-11
  • Ngokuba owesifazane oganileyo uboshelwe ngomthetho endodeni isekhona; kepha nxa indoda isifile, ukhululiwe emthethweni wendoda. Ngalokho-ke lapho indoda isekhona, uyakuthiwa isiphingi, uma eba ngowenye indoda; kepha nxa indoda isifile, ukhululekile emthethweni, angebe yisiphingi, uma eba ngowenye indoda.
    AmaRoma 7:2, 3
  • Kuyezwakala ngempela ukuthi kukhona ubufebe phakathi kwenu, futhi ubufebe bohlobo olungekho ngisho nakwabezizwe, okungukuthi omunye kini uya kumkayise. Kepha nina nikhukhumele kunokuba nga nilila, ukuze akhishwe phakathi kwenu owenze leso senzo.
    1 Korinte 5:1, 2
  • Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo, namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
    1 Korinte 6:9-10
  • Ukudla kungokwesisu, nesisu singesokudla; kepha uNkulunkulu uyakuqeda kokubili. Kepha umzimba asiwo owobufebe, ungoweNkosi, neNkosi ingeyomzimba; kepha uNkulunkulu wayivusa iNkosi, nathi uyakusivusa ngamandla akhe.
    1 Korinte 6:13, 14
  • Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kepha owenza ubufebe wona owakhe umzimba. Kepha anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli likaMoya oNgcwele okinina, enimamukele kuNkulunkulu, nokuthi anisibo abenu na? Ngokuba nathengwa ngenani elikhulu. Ngakho-ke mbongeni uNkulunkulu emzimbeni wenu.
    1 Korinte 6:18-20
  • Maqondana nalokho enaloba ngakho, kuhle kumuntu ukuba angamthinti owesifazane. Kepha ngenxa yobufebe akube yilowo nalowo abe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda.
    1 Korinte 7:1, 2
  • Indoda ayinike umfazi okumfaneleyo; nomfazi enze njalo endodeni. Umfazi kanamandla phezu kowakhe umzimba, kodwa yindoda enawo; kanjalo nayo indoda ayinamandla phezu kowayo umzimba, kodwa ngumfazi onawo. Ningagodlelani, kuphela kube ngokwesikhathi ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka, nibuye nibe ndawonye, ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu.
    1 Korinte 7:3-5
  • Kepha ngithi kwabangaganiwe nakubafelokazi: Kuhle kubona, uma behlala benjengami. Kepha uma bengenakuzibamba, mabaganane, ngokuba kuhle ukuganana kunokusha. Kepha abaganeneyo ngiyabayala, kungemina kodwa yiNkosi, ukuthi umfazi kangahlukani nendoda; — kepha uma eke wahlukana nayo, kahlale engaganile, kumbe abuyisane nendoda yakhe — nendoda ingamlahli umkayo.
    1 Korinte 7:8-11
  • Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngomfazi, nomfazi ongakholwayo ungcwelisiwe ngomzalwane. Uma kungenjalo, abantwana benu ngabe bangcolile; kepha kalokhu bangcwele.
    1 Korinte 7:14
  • Kepha ngifuna ukuba ningabi nakukhathazeka. Ongaganiwe ukhathalela okweNkosi ukuba angayithokozisa kanjani iNkosi. Kepha oganiweyo ukhathalela okwezwe ukuba angathokozisa kanjani umkakhe, wahlukene phakathi. Nongaganile oyintombi ukhathalela okweNkosi, ukuze abe ngcwele emzimbeni nasemoyeni; kepha oganileyo ukhathalela okwezwe ukuba angayithokozisa kanjani indoda yakhe.
    1 Korinte 7:32-34
  • Umfazi uboshiwe ngesikhathi indoda yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululekile, angendela nakubani ngokubona kwakhe, kuphela ukuba kube seNkosini.
    1 Korinte 7:39
  • Kepha imisebenzi yenyama isobala, engukuthi: ubufebe, nokungcola, namanyala, nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana, nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo engandulela ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
    Galathiya 5:19-21
  • Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele,
    Efesu 5:3
  • Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi, ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba. Kepha njengokuba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda ezintweni zonke. Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo ukuba alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi, ukuze azimisele ibandla elinenkazimulo, lingenasisihla, nambimbi, nanto enjalo, kodwa libe ngcwele lingenacala. Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena. Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama, kepha uyayondla, ayiphathe kahle, njengalokhu noKristu enza kulo ibandla; ngokuba singamalungu omzimba wakhe. Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye. Le mfihlakalo inkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla. Nani-ke, yilowo nalowo makathande umkakhe njengokuba ezithanda yena, kepha umfazi makahloniphe indoda yakhe.
    Efesu 5:22-33
  • Mortify therefore your members which are upon the earth; fornication, uncleanness, inordinate affection, evil concupiscence, and covetousness, which is idolatry:
    Kolose 3:5
  • Ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu, ukungcweliswa kwenu, ukuba nidede ebufebeni ukuba yilowo nalowo kini akwazi ukuhlala nomkakhe ngobungcwele nangokuhlonipha, kungabi ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu
    1 Thesalonika 4:3-5
  • nezifebe, nabesilisa abalalanayo, nabathumbabantu, nabaqambimanga, nabafungela amanga, noma kungakhona okunye okuphambene nesifundiso esiphilileyo,
    1 Thimothewu 1:10
  • Ngakho umbonisi umelwe abe ngongasolekiyo, indoda emfazi munye, abe ngozikhuzayo, oqondileyo, oziphatha ngokufaneleyo, ongenisa izihambi, onesu lokufundisa, ...Amadiyakoni mawabe ngamadoda amfazi munye, abusa kahle abantwana bawo nemizi yawo.
    1 Thimothewu 3:2, 12
  • uma kukhona ongasolekiyo, indoda emfazi munye, enabantwana abakholwayo abangenakusolwa ngokushinga nabangalaleliyo.
    Titus 1:6
  • Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi nasisihla, ngokuba izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.
    KumaHeberu 13:4
  • Kanjalo, madoda, hlalani nabo ngokokwazi, njengalokhu owesifazane eyisitsha esibuthakathaka, nibanike udumo, lokhu beyizindlalifa zomusa wokuphila kanye nani, ukuze imikhuleko yenu ingathiywa.
    1 Petru 3:7
  • “Kepha nginalokhu ngawe ukuthi uvumela owesifazane uJezabeli ozisho ukuthi ungumprofethikazi, afundise, adukise izinceku zami ukuba zifebe, zidle okuhlatshelwe izithombe;
    IsAmbulo 2:20
  • futhi abaphendukanga ekubulaleni kwabo, nasekuthakatheni kwabo, nasebufebeni babo, nasekwebeni kwabo.
    IsAmbulo 9:21
  • ngokuba ziqinisile, zilungile izahlulelo zakhe; ngokuba isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindisele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.”
    IsAmbulo 19:2