Duteronomi

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34

0:00
0:00

Isahluko 34

UMose wakhuphuka emathafeni akwaMowabi, waya entabeni yaseNebo esiqongweni sasePisiga esimalungana neJeriko. UJehova wamtshengisa izwe lonke lakwaGileyadi kwaze kwaba kwaDani,
2 noNafetali wonke, nezwe lakwa-Efrayimi, nelakwaManase, nezwe lonke lakwaJuda kwaze kwaba selwandle lwasentshonalanga,
3 neNingizimu, nethafa lesigodi saseJeriko umuzi wamasundu kwaze kwabaseSowari.
4 UJehova wathi kuye: “Nanti izwe engalifungela o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ngathi: ‘Ngiyakunika lona inzalo yakho.’ Ngikubonise lona ngamehlo akho, kepha awuyikuwela khona.”
5 Wayesefela khona ezweni lakwaMowabi uMose inceku kaJehova njengezwi likaJehova.
6 Wammbela esigodini sasezweni lakwaMowabi malungana neBeti Peyori, kepha akukho muntu olaziyo ithuna lakhe kuze kube namuhla.
7 UMose wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili ekufeni kwakhe; iso lakhe lalingafiphele, amandla akhe ayengakanciphi.
8 Abantwana bakwa-Israyeli bamkhalela uMose emathafeni akwaMowabi izinsuku ezingamashumi amathathu; zaphela-ke izinsuku zokukhala ekumlileleni uMose.
9 UJoshuwa indodana kaNuni wayegcwele umoya nokuhlakanipha, ngokuba uMose wayebekile izandla zakhe phezu kwakhe; abantwana bakwa-Israyeli bamlalela-ke, benza njengalokho uJehova emyalile uMose.
10 Akuvelanga ngasemuva kwa-Israyeli umprofethi onjengoMose, owazana noJehova ubuso nobuso
11 ngezibonakaliso nangezimangaliso zonke amthumela uJehova ukuba azenze ezweni laseGibithe kuFaro, nakuzo zonke izinceku zakhe, nakulo lonke izwe lakubo,
12 nangesandla sonke esinamandla nangayo yonke ingebhe enkulu akwenza uMose emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli.