1 AmaKhosi

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22

0:00
0:00

Isahluko 14

Ngaleso sikhathi u-Abiya indodana kaJerobowamu wagula.
2 UJerobowamu wathi kumkakhe: “Ake usuke uzifihle, ukuze kungaziwa ukuthi wena ungumkaJerobowamu, uye eShilo; bheka, u-Ahiya umprofethi ulapho, yena owakhuluma ngami ukuthi ngiyakuba yinkosi phezu kwalaba bantu.
3 Uphathe ngesandla sakho izinkwa eziyishumi, nemiqathane, nophiso lwezinyosi, uye kuye; uyakukutshela ukuthi kuzakuba njani kumntwana.”
4 UmkaJerobowamu wenze njalo; wasuka, waya eShilo, wafika endlini ka-Ahiya. U-Ahiya wayengenakubona, ngokuba amehlo akhe ayequndekile ngenxa yobudala bakhe.
5 UJehova wayeshilo ku-Ahiya, ethi: “Bheka, umkaJerobowamu uyeza ukubuza kuwe ngendodana yakhe, ngokuba iyagula; womphendula ngokuthi nangokuthi, ngokuba kuyakuthi ekungeneni kwakhe azishaye omunye umuntu.”
6 Kwathi lapho u-Ahiya ezwa izigqi zezinyawo zakhe ekungeneni kwakhe emnyango, wathi: “Ngena, mkaJerobowamu; uzishayelani omunye; mina ngithunyiwe kuwe nginendaba elukhuni.
7 Hamba umtshele uJerobowamu ukuthi: ‘UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: Njengokuba ngakuphakamisa phakathi kwabantu, ngakubeka ube ngumbusi wabantu bami u-Israyeli,
8 ngawuhlwitha umbuso endlini kaDavide, ngawunika wena, kepha awubanga njengenceku yami uDavide owagcina imiyalo yami nowangilandela ngayo yonke inhliziyo yakhe ukwenza okulungile emehlweni ami kuphela,
9 kodwa wenzile okubi kunabo bonke ababe phambi kwakho, wahamba wazenzela abanye onkulunkulu nezithombe ezibunjiweyo ukungivusa ukuba ngithukuthele, wangilahla nyovane,
10 bheka, ngalokho ngiyakwehlisela indlu kaJerobowamu okubi, nginqume kuJerobowamu wonke umlisa, omncane nomkhulu kwa-Israyeli, ngikhukhule indlu kaJerobowamu njengokukhukhulwa komquba, uze uphele.
11 Yena wakwaJerobowamu ofela emzini uyakudliwa yizinja, nofela endle uyakudliwa yizinyoni zezulu, ngokuba uJehova ukukhulumile.’
12 “Ngalokho suka uye endlini yakho; ekungeneni kwezinyawo zakho emzini uyakufa umntwana.
13 Wonke u-Israyeli uyakumlilela, ammbele, ngokuba nguyena yedwa wakwaJerobowamu oyakuya ethuneni, lokhu kufunyanwa kuye okuhle kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli endlini kaJerobowamu.
14 “Futhi uJehova uyakuzivusela inkosi phezu kuka-Israyeli eyakunquma indlu kaJerobowamu ngalolo suku. Kepha ngithini? Yebo, namanje.
15 Ngokuba uJehova uyakushaya u-Israyeli njengohlanga oluzanyazanyiswa emanzini, asiphule u-Israyeli kuleli zwe elihle alinika oyise, abahlakazele ngaphesheya koMfula, lokhu benzile o-Ashera babo, bathukuthelisa uJehova.
16 Uyakulahla u-Israyeli ngenxa yezono zikaJerobowamu one ngazo, futhi onisa ngazo u-Israyeli.”
17 UmkaJerobowamu wayesesuka wahamba, wafika eTirisa; esefike embundwini wendlu, umntwana wafa.
18 Wonke u-Israyeli wammbela, wamlilela njengezwi likaJehova alikhulumayo ngesandla senceku yakhe u-Ahiya umprofethi.
19 Ezinye izindaba zikaJerobowamu, ukuthi walwa kanjani nokuthi wabusa kanjani, bheka, zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.
20 Izinsuku zokubusa kukaJerobowamu zaziyiminyaka engamashumi amabili nambili; wayeselala koyise; uNadabi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.
21 URehobowamu indodana kaSolomoni wabusa kwaJuda. URehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema, umuzi awukhethileyo uJehova ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe; igama likanina lalinguNahama wabakwa-Amoni.
22 UJuda wenza okubi emehlweni kaJehova, bamvusela umhawu naphezu kwakho konke ababekwenzile oyise ngezono zabo abazenzayo.
23 Nabo bazakhela izindawo eziphakemeyo, nezinsika, nawo-Ashera emagqumeni onke aphakemeyo naphansi kwemithi yonke eluhlaza.
24 Kwakukhona nezifebe zethempeli kulelo zwe; benza njengazo zonke izinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.
25 Kwathi ngomnyaka wesihlanu wenkosi uRehobowamu, uShishaki inkosi yaseGibithe wenyukela eJerusalema.
26 Wathatha ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, yebo, wathatha konke, wathatha zonke izihlangu zegolide ezenziwe nguSolomoni.
27 Inkosi uRehobowamu yenza izihlangu zethusi esikhundleni sazo, yazinikela ezandleni zezinduna zabalindi abagcina umnyango wendlu yenkosi.
28 Kwathi njalo uma inkosi ingena endlini kaJehova, izigijimi zazithwala, zazibuyisela ekamelweni labalindi.
29 Ezinye izindaba zikaRehobowamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na?
30 Kwakukhona njalo ukulwa phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu.
31 URehobowamu wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; igama likanina lalinguNahama wabakwa-Amoni. U-Abiyamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.