1 AmaKhosi

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22

0:00
0:00

Isahluko 7

Kepha uSolomoni wakha indlu yakhe iminyaka eyishumi nantathu, wayiqeda indlu yakhe yonke.
2 Wakha nendlu yehlathi laseLebanoni; ubude bayo babuyizingalo eziyikhulu, nobubanzi bayo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nokuphakama kwayo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu phezu kwezinhla ezine zezinsika zemisedari, imishayo yemisedari iphezu kwezinsika.
3 Yafulelwa ngemisedari phezu kwemishayo engamashumi amane nanhlanu eyayiphezu kwezinsika eziyishumi nanhlanu, uhla lulunye.
4 Kwakukhona amahele ayizinhla ezintathu; ifasitele lalibhekene nefasitele izinhla ezintathu.
5 Yonke iminyango nezinsika kwakuyizinhlangothi ezine ngemishayo; ifasitele lalibhekene nefasitele izinhla ezintathu.
6 Wenza indlu yezinsika; ubude bayo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu; nobubanzi bayo babuyizingalo ezingamashumi amathathu, inompheme nezinsika phambi kwayo, naphambi kwazo yisikhwelo.
7 Wenza umpheme wesihlalo sobukhosi lapho ebeyakwahlulela khona, umpheme wokwahlulela; wawembeswe imisedari kusukela phansi kuze kufike phezulu.
8 Indlu yakhe lapho ebeyakuhlala khona kwelinye igceke phakathi kompheme yayenziwe kanjalo. Wenzela nendodakazi kaFaro abeyithathile uSolomoni indlu eyafana nalwo mpheme.
9 Konke lokho kwakhiwa ngamatshe anenani elikhulu, amatshe abaziwe ngezilinganiso, asahwe ngamasaha, ngaphakathi nangaphandle, kusukela esisekelweni kuze kufike phezulu, nangaphandle kuze kube segcekeni elikhulu.
10 Nesisekelo sasingamatshe anenani elikhulu, amatshe amakhulu, amatshe ayizingalo eziyishumi, namatshe ayizingalo eziyisishiyagalombili.
11 Naphezulu kwakungamatshe anenani elikhulu, amatshe abaziweyo ngezilinganiso, nemisedari.
12 Igceke elikhulu nxazonke lalinezinhla ezintathu zamatshe abaziweyo nohla lwemisedari njengegceke elingaphakathi lendlu kaJehova nompheme wendlu.
13 Inkosi uSolomoni yathumela yamlanda uHiramu eTire.
14 Wayeyindodana yomfelokazi wesizwe sakwaNafetali; uyise wayengumuntu ogcwele ukuhlakanipha, nengqondo, nokwazi ukwenza yonke imisebenzi yethusi. Wafika enkosini uSolomoni, wasebenza wonke umsebenzi wayo.
15 Wakhanda izinsika ezimbili zethusi, yileyo naleyo iyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili ubude bayo, nomucu oyizingalo eziyishumi nambili wazungeza enye insika.
16 Wenza izihloko ezimbili ngethusi elibunjiweyo ukuba zibekwe phezu kwezinsika; ubude besinye isihloko babuyizingalo eziyisihlanu, nobude besinye isihloko babuyizingalo eziyisihlanu.
17 Kwakukhona ezihlokweni ezaziphezu kwezinsika imihlobiso yamanetha amahele, nezinsephe ezenziwe njengamaketanga, kuyisikhombisa kwesinye isihloko, nesikhombisa kwesinye.
18 Wenza amapomegranati; kwakuyizinhla ezimbili nxazonke kwelinye inetha ukwembesa izihloko ezaziphezu kwezinsika; wenze njalo nakwesinye isihloko.
19 Izihloko ezaziphezu kwezinsika zasemphemeni zafaniswa neminduze; zaziyizingalo ezine.
20 Kwakukhona izihloko naphezu kwezinsika zombili eduze nesisu esasiseceleni kwenetha; amapomegranati ayengamakhulu amabili, eyizinhla nxazonke phezu kwesinye isihloko.
21 Wazimisa izinsika ngasemphemeni wethempeli; wayimisa insika yokunene, waqamba igama layo ngokuthi uJakini, wayimisa nensika yasokhohlo, waqamba igama layo ngokuthi uBowazi.
22 Ezihlokweni zezinsika kwakukhona okufanisiwe neminduze; kwaphela kanjalo umsebenzi wezinsika.
23 Wenza nolwandle olubunjiweyo; lwaluyizingalo eziyishumi kusukela kolunye udini kuze kufike kolunye, lwaluyisiyingelezi; ukuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyisihlanu; umucu oyizingalo ezingamashumi amathathu waluzungeza nxazonke.
24 Phansi kodini lwalo nxazonke kwakukhona izintangazane ezaluzungezayo izingalo eziyishumi, zizungeza ulwandle nxazonke; izintangazane zazisezinhleni ezimbili, zibunjiwe ekubunjweni kwalo.
25 Lwalumi phezu kwezinkabi eziyishumi nambili, ezintathu zibheke ngasenyakatho, ezintathu zibheke ngasentshonalanga, ezintathu zibheke ngaseningizimu, ezintathu zibheke ngasempumalanga; ulwandle lwalumiswe phezu kwazo, zonke zifulathelene.
26 Uhlonze lwalo lwalungangobubanzi besandla; udini lwalo lwalwenziwe njengodini lwendebe lunjengembali yomnduze; lwalulingene namabhati ayizinkulungwane ezimbili.
27 Wenza izinqe eziyishumi zethusi; ubude besinqe sisinye babuyizingalo ezine, nobubanzi baso babuyizingalo ezine, nokuphakama kwaso kwakuyizingalo ezintathu.
28 Lezo zinqe zazenziwe kanje: zazinezindini; izindini zaziphakathi kwezinsiko;
29 kuzo izindini ezaziphakathi kwezinsiko kwakukhona izingonyama, nezinkabi, namakherubi; kwakunjalo nakuzo izinsiko phezulu; phansi kwezingonyama nezinkabi kwakukhona imigexo elengayo yezimbali.
30 Yileso naleso sinqe sasinamasondo amane ethusi, nama-asi ethusi; lezi zinyawo ezine zazinamahlombe okuthwala; lawo mahlombe ayebunjiwe phansi komcengezi, enemigexo yezimbali ebhekene nawo onke.
31 Umlomo waso wawuphakathi kwesihloko; ukuphakama kwawo kwakuyingalo; umlomo wawo wawuyisiyingelezi njengokwenziwa kwesinqe, uyingalo nenxenye; nasemlonyeni kwakukhona okubaziweyo; izindini zawo zaziyizinhlangothi ezine, zingesiso isiyingelezi.
32 Lawo masondo amane ayephansi kwezindini; imbambelela yama-asi amasondo yayisesinqeni; ukuphakama kwesondo kwakuyingalo nenxenye.
33 Amasondo ayenziwe njengesondo lenqola; izimbambelela zawo zama-asi, namabhande awo, nezipokwe zawo, namanamfu awo kwakubunjiwe konke.
34 Kwakukhona amahlombe okuthwala emagumbini omane aleso naleso sinqe, izingalo zihlangene nesinqe.
35 Phezu kwesinqe kwakukhona okuyisiyingelezi nxazonke; ukuphakama kwakho kwakuyinxenye yengalo, nezimbambelela zakho nezindini zakho zazihlangene nakho.
36 Ezibhebheni zezimbambelela zakho nasezindinini zakho waqopha amakherubi, nezingonyama, namasundu njengendawo yakho konke ngakunye, kanye nemigexo yezimbali nxazonke.
37 Wenza kanjalo izinqe eziyishumi; zonke zazikubunjwa kunye, nesilinganiso sinye, nesimo sinye.
38 Wenza imicengezi eyishumi ngethusi; umcengezi munye wawulingene namabhati angamashumi amane; yilowo nalowo mcengezi wawuyizingalo ezine, naphezu kwezinqe eziyishumi ngazinye kwakukhona umcengezi munye.
39 Wazibeka izinqe eziyisihlanu ngaseceleni lokunene lendlu neziyisihlanu ngaseceleni lasokhohlo lendlu; walubeka ulwandle ngaseceleni lokunene lendlu ngasempumalanga yangaseningizimu.
40 UHiramu wayenza leyo micengezi, namafosholo, nezitsha. UHiramu wayeseqeda ukwenza wonke umsebenzi abewenzela inkosi uSolomoni endlini kaNkulunkulu:
41 izinsika ezimbili, nezihloko ezimbili ezinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika, namanetha amabili okwembesa izihloko ezimbili ezinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika,
42 namapomegranati angamakhulu amane amanetha omabili, izinhla ezimbili zamapomegranati kulelo nalelo netha, okwembesa izihloko zombili ezazinjengezinkamba ezaziphezu kwezinsika,
43 nezinqe eziyishumi, nemicengezi eyishumi ezinqeni,
44 nolwandle lunye, nezinkabi eziyishumi nambili phansi kolwandle,
45 namakhanzi, namafosholo, nezitsha; zonke lezo zinto uHiramu azenzela inkosi uSolomoni endlini kaJehova zaziyithusi eliphucuziweyo.
46 Inkosi yazibumba ethafeni laseJordani emhlabathini webumba phakathi kweSukoti neSaretani.
47 USolomoni waziyeka zonke izinto zingalinganiswanga ngenxa yobuningi bazo obukhulu kakhulu; nesisindo sethusi sasingenakutholwa.
48 USolomoni wenza-ke zonke izinto ezazisendlini kaJehova: i-altare legolide, netafula legolide okwakukhona kulo izinkwa zokubukwa,
49 nezinti zezibani zegolide elicwengekileyo eziyisihlanu ngakwesokunene neziyisihlanu ngakwesokhohlo phambi kwegumbi, nezimbali, nezibani, nezindlawu, ngegolide,
50 nezindebe, nezizenze, nezitsha, nezinkezo, nemicengezi yomlilo, ngegolide elicwengekileyo, nezingibe zegolide zezivalo zendlu engaphakathi, indawo engcwelengcwele, nezivalo zendlu yethempeli.
51 Sekuphelile wonke umsebenzi inkosi uSolomoni eyawenzayo endlini kaJehova, uSolomoni wangenisa izinto uyise uDavide ayezingcwelisile, isiliva, negolide, nezitsha, wakubeka engcebeni yendlu kaJehova.