IsiLilo

Isahluko:1 2 3 4 5

0:00
0:00

Isahluko 5

Khumbula, Jehova, esehlelwe yikho; bheka, ubone ihlazo lethu.
2 Ifa lethu seliphendulelwe abafokazi, nezindlu zethu kwabezizwe.
3 Siyizintandane, asinababa; omame banjengabafelokazi.
4 Amanzi ethu siyawaphuza ngemali, izinkuni zethu ziza ngentengo.
5 Abasixoshayo basezintayeni zethu; sikhathele, asinakuphumula.
6 Sinike isandla sethu kulo iGibithe nakulo i-Asiriya ukuba sisuthe isinkwa.
7 Obaba bona abasekho; thina sithwala ububi babo.
8 Izigqila ziyasibusa; akakho osikhulula esandleni sabo.
9 Sithola ukudla kwethu ngokuzidela amathambo ngenxa yenkemba yasehlane.
10 Isikhumba sethu siyasha njengeziko ngokushisa kwendlala.
11 Balala nabesifazane eSiyoni, izintombi zasemizini yakwaJuda.
12 Izikhulu zaphanyekwa ngezandla zabo; ubuso babadala ababuhloniphanga.
13 Izinsizwa zathwala amatshe okugaya, abantwana bakhubeka phansi kwezinkuni.
14 Abadala baphelile esangweni, nezinsizwa ekuhlabeleleni kwazo.
15 Intokozo yenhliziyo yethu iphelile; ukusina kwethu kuphenduke ukulila.
16 Umqhele uwile ekhanda lethu. Maye kithina, ngokuba sonile!
17 Ngalokho inhliziyo yethu idangele; ngalezi zinto amehlo ethu afiphele,
18 ngenxa yentaba yaseSiyoni echithekile, zize zihambe kuyo izimpungushe.
19 Wena Jehova umi phakade; isihlalo sakho sobukhosi sikhona ezizukulwaneni ngezizukulwane.
20 Usikhohlelwani kuze kube phakade, usishiye izinsuku eziningi, na?
21 Sibuyisele kuwe Jehova, siyakubuya; yenza izinsuku zethu zibe zintsha njengasendulo,
22 ngokuba usilahlile nokusilahla, wasithukuthelela kakhulu.