Hezekeli

Isahluko: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28 29 30 31 32 33 34 35 36 37 38 39 40 41 42 43 44 45 46 47 48

0:00
0:00

Isahluko 1

Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu ngenyanga yesine ngolwesihlanu, ngiphakathi kwabathunjwa ngasemfuleni iKhebari, lavuleka izulu, ngabona imibono ngoNkulunkulu.
2 Ngolwesihlanu lwenyanga ngomnyaka wesihlanu wokuthunjwa kukaJehoyakini
3 izwi likaJehova lafika kuHezekeli umpristi, indodana kaBuzi, ezweni lamaKaledi ngasemfuleni iKhebari. Isandla sikaJehova sasiphezu kwakhe lapho.
4 Ngabona, bheka, kwavela umoya wesivunguvungu enyakatho, ifu elikhulu elinomlilo ovuthayo nokukhanya nxazonke zalo, kuphuma phakathi kwalo kungathi ithusi elikhazimulayo, kuvela emlilweni.
5 Phakathi kwakho kwaphuma umfanekiso wezidalwa ezine, nesimo sazo sasiyilesi: zafana nabantu,
6 kepha yileso naleso sasinobuso obune, futhi sasinamaphiko amane;
7 imilenze yazo yayiqondile, amathe ezinyawo zazo ayenjengamathe ezinyawo zethole; zazimenyezela njengethusi eliphucuziweyo.
8 Zazinezandla zomuntu phansi kwamaphiko azo ezinhlangothini zazo zozine. Ubuso namaphiko alezi ezine kwakunje:
9 amaphiko azo ayehlangene, elinye nelinye; aziphendukanga ekuhambeni kwazo, yileso naleso sahamba ngokuqonda kobuso baso.
10 Isimo sobuso bazo sasingubuso bomuntu, zozine zinobuso bengonyama ngakwesokunene, zozine zinobuso benkomo ngakwesokhohlo, zozine zinobuso bokhozi futhi.
11 Babunjalo ubuso bazo. Amaphiko azo ayahlukene phezulu; kuleso naleso amabili ayehlangene, elinye nelinye; amabili ayembesa imizimba yazo.
12 Zahamba zonke ngokuqonda kobuso bazo, zaya khona, lapho umoya wayethanda ukuya khona, aziphendukanga ekuhambeni kwazo.
13 Isimo sezidalwa sasinjengamalahle omlilo avutha njengezibani, ahambahamba phakathi kwezidalwa; umlilo wamenyezela, nasemlilweni kwaphuma unyazi.
14 Izidalwa zagijima, zabuya njengombani.
15 Ngisabuka izidalwa, bheka, nanto isondo emhlabathini eceleni kwezidalwa, kuleso naleso sazo zozine.
16 Ukubonakala kwamasondo nokwenziwa kwawo kwakunjengekrisolithe, nezimo zawo omane zaziyintonye. Ukubonakala kwawo nokwenziwa kwawo kwakunjengokuba kukhona isondo phakathi kwesondo.
17 Ekuhambeni kwawo aya ezinhlangothini zozine; awaphendukanga ekuhambeni kwawo.
18 Amafelange awo ayephakeme, ayesabeka; amafelange omane ayegcwele amehlo nxazonke.
19 Ekuhambeni kwezidalwa amasondo ahamba eceleni kwazo, nasekuphakanyisweni kwezidalwa emhlabeni namasondo aphakanyiswa.
20 Lapho umoya wayethanda ukuya khona, aya khona, yebo, lapho umoya wayethanda khona; namasondo aphakanyiswa kanye nazo, ngokuba umoya wezidalwa wayesemasondweni.
21 Ekuhambeni kwazo nawo ahamba; ekumeni kwazo nawo ema; ekuphakanyisweni kwazo emhlabeni aphakanyiswa namasondo kanye nazo, ngokuba umoya wezidalwa wayesemasondweni.
22 Phezu kwamakhanda ezidalwa kwakukhona kungathi umkhathi unjengekristalu elimangalisayo, owenekwe phezu kwamakhanda azo phezulu.
23 Phansi komkhathi amaphiko azo ayeqondene, elinye nelinye, yileso naleso sinamabili embesa imizimba yazo ngalapha, sinamabili embesa ngalapha.
24 Ekuhambeni kwazo ngezwa umsindo wamaphiko azo njengomsindo wamanzi amaningi njengezwi likaSomandla, nomsindo wesidumo njengomsindo wempi; ekumeni kwazo zawehlisa amaphiko azo.
25 Kwavela izwi phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo; ekumeni kwazo zawehlisa amaphiko azo.
26 Phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo kwakunjengokungathi isihlalo sobukhosi, isimo saso sinjengetshe lesafire. Phezu kokwakunjengesihlalo sobukhosi kwakukhona okufana nomuntu phezu kwaso ngaphezulu.
27 Ngase ngibona okunjengethusi elikhazimulayo, kufana nomlilo phakathi kwakho nxazonke, kusukela kokungathi ukhalo lwakhe kuya phezulu; kusukela kokungathi ukhalo lwakhe kuya ngaphansi ngabona okufana nomlilo; kwamenyezela nxazonke kwawo.
28 Njengothingo olusemafwini ngosuku lwemvula kwabonakala kanjalo ukumenyezela nxazonke. Kwakunjengesimo senkazimulo kaJehova. Lapho ngiyibona, ngawa ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.