Daniyeli

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12

0:00
0:00

Isahluko 12

“Ngaleso sikhathi uMikayeli uyakuvela, isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi; ngaleso sikhathi abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini.
2 Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ihlazo nokunengwa okuphakade.
3 Abahlakaniphileyo bayakukhanya njengokukhazimula kwesibhakabhaka, nabaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade.
4 Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise incwadi kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kube kuningi.”
5 Ngase ngibona mina Daniyeli; bheka, kwakumi abanye ababili, omunye ogwini lomfula nganeno, omunye ogwini lomfula ngaphesheya.
6 Omunye wathi kumuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula: “Kuyakuba nini ukuphela kwalezi zimangaliso na?”
7 Ngezwa umuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sakhe sokhohlo ezulwini, wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi, nezikhathi, nenxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.
8 Ngakuzwa, kepha angiqondanga; bese ngithi: “Nkosi yami, ukuphela kwalokho kuyakuba yini na?”
9 Wathi: “Hamba, Daniyeli, ngokuba amazwi avalelwe, anamathelisiwe kuze kube sesikhathini sokugcina.
10 Abaningi bayakuzihlanza, bazenze mhlophe, bacwengisiswe, kepha ababi bayakwenza kabi, kodwa akayikuqonda noyedwa omubi; nokho abahlakaniphileyo bayakuqonda.
11 “Kusukela esikhathini sokususwa komnikelo oshiswa imihla yonke nokumiswa kwesinengiso esichithayo kuyakuba yizinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisishiyagalolunye.
12 Ubusisiwe olindayo afinyelele ezinsukwini eziyinkulungwane namakhulu amathathu namashumi amathathu nanhlanu.
13 “Kepha hamba wena kuze kube sekupheleni; usuphumulile uyakuma esabelweni sakho ngasekupheleni kwezinsuku.”