Hoseya

Isahluko: 1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14


Isahluko 1

Izwi likaJehova elafika kuHoseya indodana kaBeri ezinsukwini zawo-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda, nasezinsukwini zikaJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli.
2 Lapho uJehova eqala ukukhuluma ngoHoseya, uJehova wathi kuHoseya: “Hamba uzithathele umfazi ophingayo nabantwana bophingayo, ngokuba izwe liyaphinga nokuphinga ngokungamlandeli uJehova.”
3 Wayesehamba, wathatha uGomere indodakazi kaDibilayimi; wakhulelwa, wamzalela indodana.
4 UJehova wathi kuye: “Qamba igama layo ngokuthi uJizreyeli, ngokuba kusezakuba yisikhashana ngize ngiphindisele igazi likaJizreyeli phezu kwendlu kaJehu, ngiqede umbuso wendlu ka-Israyeli.
5 Kuyakuthi ngalolo suku ngaphule umnsalo ka-Israyeli esigodini saseJizreyeli.”
6 Wabuye wakhulelwa, wazala indodakazi. Wayesethi uJehova kuye: “Qamba igama layo ngokuthi uLo Ruhama, ngokuba angisayikuyihawukela indlu yakwa-Israyeli ukuba ngibathethelele.
7 Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyihawukela, ngibasindise ngoJehova uNkulunkulu wabo, ngingabasindisi ngomnsalo, nangenkemba, nangokulwa, nangamahhashi, nangabamahhashi.”
8 Esemlumulile uLo Ruhama, wakhulelwa, wazala indodana.
9 Wayesethi uJehova: “Qamba igama layo ngokuthi uLo-Ami, ngokuba anisibo abantu bami, mina angiyikuba nguNkulunkulu wenu.
10 “Nokho umumo wabantwana bakwa-Israyeli uyakuba ngangesihlabathi solwandle esingenakulinganiswa, singenakubalwa; kuyakuthi esikhundleni sokuba kuthiwe kubo: ‘Anisibo abantu bami,’ kuthiwe kubo: ‘Ningamadodana kaNkulunkulu ophilayo.’
11 Abantwana bakwaJuda nabantwana bakwa-Israyeli bayakubuthana ndawonye, bazimisele inhloko ibe nye, bakhuphuke ezweni, ngokuba luyakuba lukhulu usuku lukaJizreyeli.