Hoseya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14


Isahluko 2

“Bese nibiza abafowenu ngokuthi u-Ami, nawodadewenu ngokuthi uRuhama.
2 “Phikisanani nonyoko, niphikisane, ngokuba akasiye umkami, nami angisiyo indoda yakhe; makasuse ubufebe bakhe ebusweni bakhe, nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,
3 funa ngimhlubule abe nqunu, ngimenze njengasosukwini lokuzalwa kwakhe, ngimenze ihlane, ngimbeke abe njengezwe elomileyo, ngimbulale ngokoma.
4 Angiyikuhawukela abantwana bakhe, ngokuba bangabantwana bobufebe.
5 Ngokuba unina ufebile, ngokuba wathi: ‘Ngiyakulandela izithandwa zami ezinginika isinkwa sami namanzi ami, uboya bami bezimvu nefilakisi lami, amafutha ami nokuphuza kwami.’
6 Ngalokho bhekani, ngiyakuvimbela indlela yakho ngameva, ngakhe ugange ngakuye, ukuze angafumani imikhondo yakhe.
7 Uyakulandela izithandwa zakhe, kepha akayikuzifica; uyakuzifuna, kepha akayikuzifumana; abesethi: ‘Ngiyakuhamba ngibuyele endodeni yami yokuqala, ngokuba kwakukuhle kimi lapho kunamanje.’
8 Kepha akazanga ukuthi yimina engamnika amabele, newayini elisha, namafutha, ngamandisela isiliva negolide abenza ngakho uBali.
9 “Ngalokho ngiyakubuye ngithabathe amabele ami ngesikhathi sawo, newayini lami elisha ngenkathi yalo, ngisuse uboya bami bezimvu nefilakisi lami lokusibekela ubunqunu bakhe.
10 Sengiyakwambula ihlazo lakhe emehlweni ezithandwa zakhe; akuyikubakho omophula esandleni sami.
11 Ngiyakwenza ukuba iphele yonke intokozo yakhe, imikhosi yakhe, nokwethwasa kwenyanga, namasabatha akhe, nayo yonke imikhosi yakhe emisiweyo.
12 Ngiyakuchitha imivini yakhe nemikhiwane yakhe ashilo ngakho, wathi: ‘Kuyinkokhelo yami ezinginikile yona izithandwa zami;’ ngiyakukwenza kube yihlathi, izilwane zasendle zikudle.
13 Ngiyakumhambela ngenxa yezinsuku zawoBali owabashisela ngazo impepho, wahloba ngamacici akhe nangezinto zakhe ezinhle, wazilandela izithandwa zakhe, wangikhohlwa, usho uJehova.
14 “Ngalokho bhekani, ngiyakumyenga, ngimyise ehlane, ngimqunge isibindi.
15 Lapho ngiyakumnika izivini zakhe, nesigodi sase-Akori sibe ngumnyango wethemba; uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe nasosukwini lokukhuphuka kwakhe ezweni laseGibithe.
16 “Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova, “ungibize ngokuthi: ‘YiNdoda yami,’ ungasangibizi ngokuthi: ‘NguBali wami.’
17 Ngiyakususa amagama awoBali emlonyeni wakhe, bangabe besakhunjulwa ngamagama abo.
18 Ngalolo suku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, ngaphule umnsalo nenkemba nokulwa ukuba kusuke ezweni, ngibalalise belondekile.
19 Ngiyakuzimisela wena ube ngumkami kuze kube phakade, ngizimisele wena ngokulunga, nangokwahlulela, nangomusa, nangobubele.
20 Ngiyakuzimisela wena ngokuthembeka ube ngumkami; uyakumazi uJehova.
21 “Kuyakuthi ngalolo suku ngiphendule,” usho uJehova, “ngiphendule amazulu, wona aphendule umhlaba.
22 Umhlaba uyakuphendula amabele, newayini elisha, namafutha, khona kuphendule uJizreyeli.
23 Ngiyakuzitshalela yena ezweni, ngihawukele ongahawukelwanga, ngithi kwababengesibo abantu bami: ‘Ningabantu bami,’ bona bathi: ‘UnguNkulunkulu wethu.’ ”