Amose

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9

0:00
0:00

Isahluko 6

Wo kwabazinzileyo eSiyoni, nabalondekile entabeni yaseSamariya, abaqhamileyo besokuqala sezizwe, efika kubo indlu yakwa-Israyeli!
2 Dlulelani eKaline, nibone; nisuke lapho, niye eHamati elikhulu, bese nehlela eGati lamaFilisti; bahle kunale mibuso yini, umkhawulo wabo mkhulu kunomkhawulo wenu na?
3 nina enidedisela kude usuku olubi, kepha nisondezile isihlalo sobudlova.
4 Balele emibhedeni yophondo lwendlovu, bacambalala ezinkukhweni zabo; badla amawundlu omhlambi namathole avela phakathi kwesibaya.
5 Bahaya ngomsindo wogubhu, baziqambela izinto zokubethwa njengoDavide.
6 Baphuza imikhele yewayini, bazigcoba ngamafutha amahle, kepha abadabuki ngokuchithwa kukaJosefa.
7 Ngalokho sebeyakuthunjwa phakathi kwabokuqala abathunjwayo, kusuke ukuxokozela kwabacambalalayo.
8 INkosi uJehova izifungile, usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti, yathi: “Ngiyanengwa ngukuzidla kukaJakobe, ngizonda izindlu zakhe zamakhosi; ngiyakukhaphela umuzi nokugcwala kwawo.”
9 Kuyakuthi uma kusele amadoda ayishumi endlini inye, afe.
10 Lapho umngane womuntu emphakamisa kanye noshisayo ukuba bakhiphe amathambo endlini, abesesho kophakathi kwendlu impela ukuthi: “Kusekhona muntu kuwe na?” yena esephendula athi: “Akusekho,” khona wothi: “Thula, ngokuba asinakuthinta igama likaJehova.”
11 Ngokuba bhekani, uJehova uyayaleza: uyakushaya indlu enkulu ibe yizihlephu, nendlu encane ibe yizingcezu.
12 Amahhashi ayagijima emadwaleni, kulinywa elwandle ngezinkabi, na? Ngokuba niphendulile ukwahlulela kwaba yisihlungu, nezithelo zokulunga zaba ngumhlonyane,
13 nina enithokoza ngento engelutho, nithi: “Asizithathelanga izimpondo ngamandla ethu na?”
14 “Ngokuba bhekani, ngiyakunivusela isizwe nina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti; “bayakunicindezela kusukela ekuyeni eHamati kuze kube semfuleni wase-Araba.”