Amose

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9

0:00
0:00

Isahluko 8

INkosi uJehova yayisingibonisa kanje: bheka, nanto iqoma lezithelo zasehlobo.
2 Yathi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Iqoma lezithelo zasehlobo.” Wayesethi uJehova kimi: “Ukuphela sekufikile kubantu bami u-Israyeli; angisayikumdlula.
3 “Izihlabelelo zethempeli ziyakuba ngukuhhewula ngalolo suku,” isho iNkosi uJehova; “izidumbu ziyakuba ziningi, zilahlwe ezindaweni zonke. Thulani!”
4 Yizwani lokhu nina enigwinya abampofu, nenichitha abaswelayo bezwe,
5 nithi: “Kuyakudlula nini ukwethwasa kwenyanga ukuba sithengise ngamabele, nesabatha ukuba sikhiphe ukolweni, senze i-efa libe lincane, senze ishekeli libe likhulu, senze izilinganiso ukuba zikhohlise,
6 ukuze sithenge abampofu ngesiliva nabaswelayo ngamabhangqa ezicathulo, sithengise ngamahlunge kakolweni.”
7 UJehova ufungile ukuziqhenya kukaJakobe ngokuthi: “Impela angiyikukhohlwa kuze kube phakade nesisodwa sezenzo zabo.
8 “Umhlaba awuyikuqhaqhazela ngalokho, balile bonke abakhileyo kuwo, na? Yebo, uyakukhukhumala wonke njengeNayile, unyakaze, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe.
9 “Kuyakuthi ngalolo suku,” isho iNkosi uJehova, “ngilishonise ilanga emini, ngenze ukuba kube mnyama emhlabeni emini ekhanyayo.
10 Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe ngukukhala, nezihlabelelo zenu zonke zibe yizililo, ngibeke izindwangu zamasaka ezinkalweni zonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda, ngikwenze kube njengokulilela indodana eyodwa, ukuphela kwakho kube njengosuku olumunyu.”
11 “Bhekani, izinsuku ziyeza,” isho iNkosi uJehova, “lapho ngiyakuthuma indlala ezweni, kungabi yindlala yezinkwa, kungabi ngukomela amanzi, kepha kube ngeyokuzwa amazwi kaJehova.
12 Bayakuzulazula kusukela elwandle kuze kube selwandle, kusukela enyakatho kuze kube sempumalanga, bahambahambe ukufuna izwi likaJehova, kepha abayikulifumana.
13 “Ngalolo suku izintombi ezinhle nezinsizwa ziyakudangala ukoma.
14 Abafunga icala laseSamariya, bathi: ‘Kuphila kukankulunkulu wakho, Dani,’ nokuthi: ‘Kuphila kothandiweyo wakho, Beri Sheba,’ bayakuwa, bangabe besavuka.”