Zakariya

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14

0:00
0:00

Isahluko 9

Isiprofetho sezwi likaJehova phezu kwezwe lakwaHadiraki; nalo iDamaseku liyakuba yindawo yokuhlala kwaso, ngokuba uJehova uneso kubantu, ikakhulu kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli,
2 kanye neHamati elikhawula kulo, neTire neSidoni, ngokuba kuhlakaniphile kakhulu.
3 ITire lazakhela inqaba, lanqwabela isiliva njengothuli, negolide elicwengekileyo njengodaka lwasezitaladini.
4 Bheka, iNkosi iyakulaphuca, iphonse imfuyo yalo elwandle, lona lidliwe ngumlilo.
5 I-Ashikeloni liyakukubona, lesabe, neGaza futhi, bese lithuthumela kakhulu, kanye ne-Ekroni, ngokuba ukwethemba kwalo kuyakujabha; inkosi iyakubhubha eGaza, ne-Ashikeloni aliyikuhlalwa.
6 E-Ashidodi kuyakuhlala umntwana wesihlahla; ngiyakunquma ukuziphakamisa kwamaFilisti.
7 Ngiyakukhipha igazi labo emlonyeni wabo, nezinengiso zabo phakathi kwamazinyo abo, nabo uqobo babe yinsali kuNkulunkulu wethu, babe ngababusi kwaJuda nase-Ekroni njengamaJebusi.
8 Ngiyakumisa ngibe yinqaba yendlu yami, ukuze kungabikho odlulayo nobuyayo; akusayikudlula mcindezeli kubo, ngokuba sengibonile ngawami amehlo.
9 Thokoza kakhulu, ndodakazi yaseSiyoni; jabula nokujabula, ndodakazi yaseJerusalema; bheka, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.
10 Ngiyakunquma inqola kwa-Efrayimi nehhashi eJerusalema, nomnsalo wokulwa uyakunqunywa; iyakukhuluma ukuthula kwabezizwe, nokubusa kwayo kuyakusukela elwandle kuze kufike elwandle, kusukela eMfuleni kuze kufike emajukujukwini omhlaba.
11 Nawe, ngenxa yegazi lesivumelwano sakho, ngikhiphile iziboshwa zakho emgodini okungekho kuwo amanzi.
12 Buyelani enqabeni, ziboshwa esezinethemba; namuhla ngiyanitshela ukuthi ngiyakubuyisela kini okuphindwe kabili.
13 Ngokuba ngizigobela uJuda njengomnsalo, ngibeka u-Efrayimi kuwo, ngivusela amadodana akho, Siyoni, kumadodana akho, Javani, ngikwenze inkemba yeqhawe.
14 UJehova abesebonakala phezu kwabo, umcibisholo wakhe uphume njengonyazi; iNkosi uJehova iyakubetha icilongo, ihambe ngezivunguvungu zaseningizimu.
15 UJehova Sebawoti uyakubavikela, badle, banyathele phansi amatshe endwayimana; bayakuphuza igazi labo njengewayini, bagcwale njengemikhele, njengamagumbi e-altare.
16 UJehova uNkulunkulu wabo uyakubasindisa ngalolo suku njengomhlambi wabantu bakhe, ngokuba bangamatshe omqhele abengezela phezu kwezwe lakhe.
17 Yeka ubuhle balo! Yeka ukubukeka kwalo! Amabele abo ayakuhlumisa izinsizwa zalo, newayini elisha izintombi zalo.