Mathewu

Isahluko:1 2 3 4 5 6 7 8 9 10 11 12 13 14 15 16 17 18 19 20 21 22 23 24 25 26 27 28

0:00
0:00

Isahluko 15

Khona abaFarisi nababhali bafika kuJesu bevela eJerusalema, bathi:
2 “Yini ukuba abafundi bakho beqe isiko labadala na? Ngokuba abahlambi izandla nxa bedla isinkwa.”
3 Kepha waphendula, wathi kubo: “Nani, yini ukuba neqe umyalo kaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu na?
4 Ngokuba uNkulunkulu wathi: ‘Yazisa uyihlo nonyoko,’ nokuthi: ‘Othuka uyise noma unina makafe nokufa.’
5 Kepha nina nithi: ‘Oshoyo kuyise noma kunina ukuthi: Kungumnikelo lokho ongabe usizwe yimi ngakho,’
6 akayikwazisa uyise noma unina; kanjalo nilenze laba yize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu.
7 Bazenzisi, waprofetha kahle ngani u-Isaya, ethi:
8 ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami;
9 kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.’ ”
10 Wayesebabiza abantu, wathi kubo: “Yizwani, niqonde.
11 Akusikho okungena emlonyeni okungcolisa umuntu; kepha okuphuma emlonyeni lokhu kungcolisa umuntu.”
12 Khona kwasondela abafundi bakhe, bathi kuye: “Uyazi ukuthi abaFarisi bathe bezwa lelo zwi, bakhubeka na?”
13 Kepha waphendula wathi: “Yileso naleso sithombo esingatshalwanga nguBaba wasezulwini siyakusishulwa.
14 Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe; kepha nxa impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.”
15 UPetru waphendula, wathi kuye: “Sichasisele lo mfanekiso.”
16 Wayesethi: “Kanti nani nisengabangaqondiyo na?
17 Anikaqondi yini ukuthi konke okungena emlonyeni kuya esiswini, kuze kulahlelwe ngaphadle na?
18 Kepha okuphuma emlonyeni kuvela enhliziyweni; lokho-ke kuyamngcolisa umuntu.
19 Ngokuba enhliziyweni kuvela izizindlo ezimbi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza.
20 Yilezo zinto ezimngcolisayo umuntu; kodwa ukudla ngezandla ezingahlanjiwe akumngcolisi umuntu.”
21 UJesu ephuma lapho wamuka, waya emaphandleni aseTire naseSidoni.
22 Bheka, kwavela emikhawulweni yakhona owesifazane waseKhanani, wakhala wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni.”
23 Kepha akamphendulanga ngazwi. Base besondela kuye abafundi bakhe, bamncenga, bathi: “Mmukise ngokuba uyakhala emva kwethu.”
24 Kodwa waphendula wathi: “Angithunyelwanga kwabanye, kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwa-Israyeli.”
25 Kepha wayeseza, wakhuleka kuye wathi: “Nkosi ngisize.”
26 Waphendula wathi: “Akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana, usiphonse ezinjaneni.”
27 Yena wathi: “Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka ewa etafuleni labaninizo.”
28 Khona uJesu waphendula, wathi kuye: “O mame, kukhulu ukukholwa kwakho; makube kuwe njengokuthanda kwakho.” Indodakazi yakhe yasinda kusukela kuleso sikhathi.
29 Wasuka lapho uJesu, wafika ngaselwandle lwaseGalile, wenyukela entabeni, wahlala phansi khona.
30 Kwase kusondela kuye izixuku eziningi zinezinyonga, nezimpumputhe, nezimungulu, nezilima, nabanye abaningi, zababeka ngasezinyaweni zakhe; wabaphulukisa, 15:30 Isaya 35:5.
31 baze bamangala abantu bebona izimungulu zikhuluma, izilima zisindile, izinyonga zihamba, izimpumputhe zibona; bamdumisa uNkulunkulu ka-Israyeli.
32 UJesu wayesebabiza abafundi bakhe, wathi: “Ngiyasihawukela isixuku, ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi, singenanto yokudla; angithandi ukubamukisa belambile, funa mhlawumbe baphele amandla endleleni.”
33 Bathi kuye abafundi: “Singazitholaphi ehlane izinkwa ezingaka zokuba kusuthe isixuku esingaka na?”
34 Wathi kubo uJesu: “Ninezinkwa ezingaki na?” Bathi: “Eziyisikhombisa, nezinhlanzana eziyingcosana.”
35 Wayala isixuku ukuba sihlale phansi;
36 wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi, abafundi baphakela izixuku.
37 Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, amaqoma ayisikhombisa agcwele.
38 Kepha abadlayo babe yizinkulungwane ezine zamadoda ngaphandle kwabesifazane nabantwana.
39 Esezimukisile izixuku wangena emkhunjini, wafika emikhawulweni yaseMagadana.